AMAZULU FC awazikhohlisi ngobungozi bokudlala neqembu elilwela ukugcina indawo yalo esigabeni esiphezulu njengoba ezobhekana neCape Town Spurs kusihlwa koweDStv Premiership.
Lokhu kuvezwe yisitobha soSuthu, uTaariq Fielies, ekhuluma nabezindaba kuleli sonto ngamalungiselelo alo mdlalo oseMoses Mabhida Stadium ngo-7.30 ebusuku.
Usuthu lubheke ukuwagcina ekhaya wonke amaphuzu njengoba luhlose ukuvala unyaka ngegiya eliphezulu njengokufisa komqeqeshi walo, uPablo Franco Martin. ISpurs nayo iwadinga kakhulu amaphuzu ukuze izame ukuzikhipha obishini ezifake kulona selokhu kuqale isizini.
Ngesikhathi i-Urban Warriors ikhuphukela esigabeni esiphezulu ngaphambi kokuqala kwesizini kulandela ukuphuma phambili emidlalweni yokuhlunga, bekulindelwe lukhulu kuleli qembu elinomlando omkhulu ebholeni laseNingizimu Afrika.
Nokho, lifike kwiPremiership lahlangana nezimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili njengoba lihluleka ukuqoqa amaphuzu. Leli qembu eselicijwa ngumakadebona u-Ernst Middendorp, lisemsileni we-log ngamaphuzu amathathu emidlalweni engu-14.
Selihlulwe engu-13 kwengu-14 eseliyidlalile. Amaphuzu okubika elinawo lawacosha lijikela i-Orlando Pirates, liyiguqisa ngo 2-1 ekuqaleni kwenyanga edlule.
Kusukela lapho, selidliwe imidlalo emihlanu ilandelana. Kowokugcina libhonywe yiMamelodi Sundowns ngo 3-0.
“Noma yiliphi iqembu elikulesi simo esinzima lingamukela noma yimaphi amaphuzu elingawathola. Bazoza lapha bazi ukuthi ababaningi abantu abalindele ukuthi bathole okuthile kulo mdlalo kodwa futhi bayazi ukuthi kumele bathole umphumela omuhle,” kusho uFielies.
“Sizama ukwakhela phezu komphumela esiwuthole emdlalweni wethu wakamuva kwazise sifuna ukugcina lowo mgqigqo. Ngeke sizithele ngabandayo ngoba siyazi ukuthi izimbangi zethu zikuphi. Kumele sikukhumbule ukuthi kusewumdlalo weligi futhi kubalulekile ukuthi nathi sinyukele endaweni engcono.
“Kuligi uma unqoba imidlalo emibili noma emithathu ilandelana ungazibeka endaweni enhle kodwa uma uhlulwa kowodwa ungaphinde uzithole usubuyela ezansi.”
Usuthu luguqise iSekhukhune United ngo 1-0 emdlalweni walo wakamuva weligi lwenyukela endaweni ka-10 ngamaphuzu angu-18 emidlalweni engu-14. UMartin uyazi ukuthi uma bengawathola ephelele kuSpurs bangazibeka ebuhleni ngaphambi kokuqala komzuliswano wesibili.
“Lolu hlobo lwemidlalo luyingozi ngoba siyazethemba ngenxa yokuthi sidlala kahle kodwa kwesinye isikhathi lokho kungaholela ekutheni singene enkundleni sipholile, singazimisele ngokwanele, bese kuba nzima ukuthola umphumela omuhle,” kusho lo mqeqeshi.
“Kumele silihloniphe iqembu esizodlala nalo ngoba siyazi ukuthi linabadlali abasezingeni eliphezulu, linomqeqeshi omusha, seliyishintshile indlela elidlala ngayo futhi liyathuthuka.
“Uma singawunqoba lo mdlalo singaba yiqembu lokuqala laMaZulu eminyakeni eminingi ukuba namaphuzu angu-21 ngemuva kwemidlalo engu-15. Singenza kangcono ngisho kuneqembu elaqeda endaweni yesibili naleli elangena kuMTN 8. Lokhu kungikhuthaza kakhulu.”
Ngesikhathi Usuthu luqeda endaweni yesibili ngesizini ka-2020/21 lalinamaphuzu angu-19 ngemuva kwemidlalo engu-15. Ngesizini elandelayo liqeda endaweni yesikhombisa, lalinamaphuzu angu-20 ngemuva kwemidlalo engu-15.