ABAHOLI bezinhlangano zebhola ezingaphansi kwesifunda iCosafa, baphumele obala ngokweseka uPatrice Motsepe ukuthi aphinde aqokwe njengomengameli wenhlangano eyengamele ibhola kwizwekazi i-Afrika, i-Confederation of African Football (Caf).
UMotsepe ungowesikhombisa ukungena kulesi sikhundla sokuhola iCaf ngoMashi ka-2021, ngesikhathi eqokwa ngaphandle kokuphikiswa amalungu eCaf, eRabat, eMorocco.
Lokhu kwadalwa wukuhoxa kwabanye abathathu abebengenele ukhetho, u-Augustin Senghor waseSenegal, u-Ahmed Yahya waseMauritania noJacques Anouma.
Umengameli weSouth African Football association (Safa), uDanny Jordaan, ubehambisana nomengameli weBotswana Football Association u-Oabile Tariq Babitseng, Andrew Kamanga waseZambia, Peter Simelane waseSwatini noFleetwood Haiya waseMalawi esithangamini nabezindaba eSafa House, eNasrec, ngoLwesithathu, ukuzomemezela isivumelwano sabo sokwesekwa uMotsepe okhethweni oluzayo.
Uthe nakuba amanye amazwe angamalungu eCosafa ebengekho kulesi sithangami kodwa nawo akuqinisekisile ukuthi ayakweseka ukuqokwa kabusha kukaMotsepe.
“Sengikhulumile nabo bonke omengameli bakulesi sifunda, abanye abakwazanga ukuba lapha kodwa bathumele imiyalezo. Sifuna ukuchaza ukuthi kungani siseka igama likaDkt Patrice Motsepe ukuthi aphathe ihlandla lesibili,” kusho uJordaan esitatimendeni esithunyelwe yiSafa.
"Ngokubona kwethu kube nokuthuthuka okukhulu kwiCaf, hhayi ngokwezezimali kuphela kodwa nangokwebhola. Manje sinomncintiswano wezikole weCaf oqala ezingeni lezifunda. Ibhola likhombise ukukhula ngendlela emangalisayo ngaphansi kobuholi bukaPatrice Motsepe.
“ICaf ibishodelwa yimali. I-Afcon ehambe phambili kakhulu kube ngeyakamuva e-Ivory Coast. Yaba yimpumelelo enkulu uma kubhekwa isibalo sabantu ababeyibuka kwithelevishini, imali eyangenayo, ukuthengiswa kwamathikithi nokunye.
“Ngakho-ke, uma sibheka okwenzekile selokhu athatha izintambo sibone kungcono ukuthi siphinde siphakamise uPatrice Motsepe ukuthi ahole ihlandla lesibili. Siyethemba futhi siyakholwa ukuthi lokhu kuzophinde kuthuthukise ibhola lase-Afrika.”
Phambilini, uMotsepe wangena ezintangeni uma ebuzwa ngokungenela ukhetho okwesibili, ethi iCaf ingaqhubeka idlondlobale ngisho engasahlezi kulesi sikhundla.
Nokho, le nhlangano isanda kukhipha isitatimende iqinisekisa ukuthi usethathe isinqumo sokulungenela. Akukamenyezelwa ukuthi ngobani abanye azobangisana nabo kulokhu.
"Ngenxa yenqwaba yeziphakamiso ebeziqhamuka kubaholi bezinhlangano ezingamalungu eCaf nabanye esibambisene nabo ababalulekile, umengameli we-Caf, uDkt Patrice Motsepe, ugcine evumile ukungenela ukhetho oluhlelelwe uMashi ka-2025," sifundeka kanje isitatimende esifishane esikhishwe yiCaf.