UMGADLI weLamontville Golden Arrows, uRyan Moon, ubhoboka ngobunzima bokuzila "ubumnandi" bagxilise imiqondo yabo ebholeni ngesikhathi semibhiyozo yamaholidi kaKhisimusi.
Imidlalo yeDStv Premiership izobuya ngesikhathi ezingajwayelekile kulandela ukumiswa ngenxa yomqhudelwano weNdebe yoMhlaba osanda kusongwa eQatar.
Ngokujwayelekile, iligi ivala ngaphambi kukaKhisimusi, ibuye ngoJanuwari noma ngoFebhuwari uma kunomqhudelwano we-Africa Cup of Nations (Afcon). Nokho kulokhu, abalandeli bebhola bazogcwala ezinkundleni ngosuku lokugcina lonyaka bezoqhubeka nokuzithokozisa.
Kuhlukile kubadlali ngoba kufanele bazithibe kokuningi ukuze balwele amaphuzu emaqenjini abo. Kuyaziwa eMzansi ukuthi iningi labadlali liyazifela ngobumnandi. Emasontweni adlule, iSekhukhune United imise abadlali abane abafike ejimini bebukhile.
UMoon uthe kunzima ukuziba izilingo zobumnandi.
"Kunzima kakhulu. Abantu bashisa inyama yonke indawo njengoba kuwuDisemba. Kodwa ke kuyingxenye yomsebenzi wethu ukuba lapha. Sengidlale esigabeni esiphezulu iminyaka eyisikhombisa kuya kweyisishiyagalombili. Lesi yisikhathi esibucayi sesizini ikakhulukazi ngomzuliswano wesibili.
“Kufanele uziqhelelanise nemibhiyozo, ugxilise umqondo wakho ngoba lesi yisikhathi esizocacisa okuningi ngawe njengomdlali neqembu. Uma unezifiso zokubuyela eqenjini lesizwe lesi yisikhathi esibalulekile. Kunzima kakhulu khona ngoba uma ungumdlali webhola uhlala unabangani abakushayela ucingo bakutshele ngezinto zobumnandi abazenzayo," kusho uMoon.
Ejimini ye-Arrows ngoLwesithathu ngaphandle kwenkundla iMoses Mabhida Stadium, abadlali babukeke bekubheke ngabomvu ukubuyela enkundleni. Abafana Bes'thende bazokwamukela iKaizer Chiefs emdlalweni weligi ozoba seMabhida ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
UMoon, oshaye amagoli amabili emdlalweni wokugcina bebhekene neqembu elimnike ithuba esigabeni esikhulu, iMaritzburg United, uzobhekana neChiefs abegijima kuyona ngaphambi kokuyodlala phesheya kwezilwandle.
"Kuzoba wumdlalo onzima. IChiefs yiqembu elikhulu. Inendlela yokudlala ezama ukuyifaka. Kodwa ke iyona enengcindezi kunathi ngenxa yabalandeli abafuna iwine. Okwethu wukungena enkundleni sithokozele umdlalo. Awudingi ukugqugquzelwa njengomdlali uma uzodlala nePirates, Sundowns neChiefs. Ngesikhathi ngisekwiChiefs, uBobby (Motaung) wayehlala ethi abadlali badlalela izinkontileka uma bebhekene neChiefs. Bafuna ukwenza kahle. Okwethu ukwehlisa umoya sidlale njengeqembu kunokudlala ngayedwana," kusho uMoon.
IChiefs igcine ukudlala ngoNovemba, yehlula i-Orlando Pirates ngegoli likaYusuf Maart. Isendaweni yesine kwi-log yePremiership. Umqeqeshi, u-Arthur Zwane, ucashunwe kwi-website yeChiefs ethi unethemba lokuthi abafana bakhe bazoqhubeka nomgqigqo kowe-Arrows. Ngesizini edlule, i-Arrows ishaye iChiefs ekhaya nasekuhambeni kweyeligi.
"Sidlala neqembu elihle uma liya phambili futhi elinodonga lwasemuva oluqinile. Kuzoba wumqansa kithina. Kodwa kuzofika uMgqibelo siwulungele umdlalo," kusho uZwane.