BASALE bebalisa ngokuhluleka ukuba yingxenye yamaqembu ayisishiyagalombili aqede phezulu kwiDStv Premiership abaqeqeshi bamaqembu aseThekwini, AmaZulu neLamontville Golden Arrows, kulandela umdlalo wabo wangoMgqibelo, wokusonga isizini.
La maqembu adudulane emdlalweni womkhaya obuseMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ntambama, onqotshwe Abafana Bes’thende ngo 3-1.
Amagoli e-Arrows ashaywe nguRyan Moon, Siyanda Mthanti no-Olwethu Ncube, elokuthoba izinhliziyo zoSuthu kwaba yiphenathi ebekwe enethini ngu-Augustine Kwem.
Lo mphumela ushiye i-Arrows endaweni yesishiyagalolunye kwi-log ngamaphuzu angu-38 emidlalweni engu-30. Usuthu lugcine luqede endaweni ka-11 ngamaphuzu angu-36.
Kungenwe kulo mdlalo wokugcina womabili esethubeni lokuqeda kwiTop 8 kodwa indawo yokugcina ithathwe yiPolokwane City, ehlanganise amaphuzu angu-38 ngokuguqisa iTS Galaxy ngo 1-0.
“Sithole umphumela omuhle ebesifuna ukuqeda ngawo isizini. Besinethemba lokuthi ukunqoba umdlalo kuzosinika okuthize njengoba besilwela ukuqeda kwi-Top 8 kodwa ngeshwa sishode ngephuzu. Sizobuya ngesizini ezayo sibone ukuthi yikuphi okungcono esingakwenza kodwa singakwazi ukwakhela phezu kwalokhu,” ubeke kanje umqeqeshi we-Arrows, uSteve Komphela.
“Kufanele sizisole thina ngoba miningi imidlalo esiyidlale ngokulingana kungenasidingo. Iqembu lenze kahle emzuliswaneni wokuqala, like lahlala endaweni yesine. Kube nohide lwemiphumela emibi emzuliswaneni wesibili. Kudingeka siphenye ukuthi yini edale lokho, kungaba ukulimala kwabadlali, ukumiswa, ukulahlekelwa yifomu nokunye.
“Izinto ziqale ukusimama ngasekupheleni kwesizini, kodwa njengoba ngishilo, silahle inqwaba yamaphuzu ngokudlala ngokulingana. Ukuqeda isizini ngomphumela omuhle kanje kusitshela ukuthi besingenza kangcono kule sizini.”
Kube yisililo esifanayo nakumqeqeshi waMaZulu, uPablo Franco Martin, odunyazwe ukudedela ithuba lokubuyela kwiMTN 8 ngesizini ezayo.
USuthu lwayixebula ngo 3-0 i-Arrows emdlalweni weCarling Black Label Knockout kule sizini, lwayiphinda ngo 3-1 kowokuqala weligi njengoba isigcine ibuyise izinduku.
“Lokhu kudweba isithombe sokuthi isizini yethu ibinjani. Isizini yethu ibingugingqigongqo, njemaqembu amaningi esiqhudelana nawo, kodwa ukuhluleka kwethu ukubamba umgqigqo uma sinethuba lokwenza into enhle, yinto esihluphe kusukela ekuqaleni kwesizini,” kusho uFranco Martin.
“Kukaningi lapho sithole khona amathuba okuzuza okuthile, lapho besingakwazi ukuzifaka khona emjahweni wokubalwa namaqembu ahamba phambili kulo mqhudelwano kodwa sawalahla lawo mathuba.
“Yize namuhla izinto bezingancikile kithina ngokuphelele kodwa uma sibheka eminye imiphumela kukhona ebesingazenzela khona kodwa sahluleka. Ngicabanga ukuthi singasho ukuthi kusifanele ukuqeda kule ndawo ngenxa yamathuba amaningi esiwamoshile kule sizini.
Singasho ukuthi ikhona nemidlalo lapho bekufanele sithole khona okungcono, kwangenzeka, kodwa iqiniso ukuthi sibe nelinye ithuba elikhulu kulo mdlalo saphinde salimosha,” uphethe kanje uFranco Martin.