UKHOLELWA ekutheni ukwenyuka kwesibalo samagoli kwiPremier Soccer League kuzoba nomthelela omuhle ebholeni, kwenyuse isibalo sabalandeli ezinkundleni omunye wabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, uSteve Komphela.
AmaBrazillians azohlangana nenye yezimbangi zawo ezinkulu iKaizer Chiefs, kuma-quarterfinal eCarling Knockout namuhla ngo-6 ebusuku, eFNB Stadium, eNasrec.
Womabili amaqembu anqobe ngembudlu yamagoli emidlalweni yawo ye-Last 16 kulo mqhudelwano. ISundowns iqumbe phansi iLamontville Golden Arrows ngo 5-0, kwathi iChiefs yaguqisa iSuperSport United ngo 4-0.
Emidlalweni yeligi abayidlalile maphakathi nesonto amaSandawana axebule iCape Town City ngo 3-0, kwathi Amakhosi adlala ngokulingana ngo 2-2 neMagesi FC.
“Kuhle ukuthi amaqembu amaningi ashaya inqwaba yamagoli, kuwuphawu oluhle. Ngikhumbula isikhathi lapho kwakukhalwa khona ngokuthi abadlali bethu bayazabalaza ukushaya amagoli angu-10 ngamunye ngesizini,” kusho uKomphela.
“Kungenzeka ukuthi ziningi izinto eziholele ekutheni sifike lapha. Ngokubona kwami kungaba yisibalo samathuba adalekayo emidlalweni. Ngabe iqembu lakho lidlala umdlalo okhiqiza amathuba amaningi? IMamelodi Sundowns iyakwenza lokho.
“Kunomdlalo esiwudlalile sashaya amagoli amahlanu, wonke ashawa abadlali abehlukene. Kuhle uma iqembu lingathembeli kumdlali oyedwa kodwa kuhle futhi uma linomgadli osefomini ongalibheki ipali.
“Bheka nje ukuthi ngubani oshayele iChiefs amagoli ibhekene neMagesi. KwiBafana Bafana umdlali onjengoThalente Mbatha washaya amagoli amabili amqoka. Kuyajabulisa lokhu futhi akusizi kuPSL kuphela kodwa neqembu lesizwe.”
Eminyakeni edlule isibalo sabalandeli abahambela imidlalo yePSL masonto wonke sehlile kodwa uKomphela ukholwa wukuthi izinto zizoshintsha uma abadlali bebhakuzisa inethi emidlalweni ehlukene.
“Amagoli yiwona abiza abalandeli. Uma sikhuluma iqiniso into eyenza kube nomsindo nesiphithiphithi emdlalweni webhola ukuthi nifika kangaki ebhokisini, nishaye amagoli amangaki. Abantu bayakuthanda lokho futhi bayaweseka amaqembu ashaya amagoli,” usho kanje uSteve.
“Abantu bakhokhela ukuzobuka amagoli. Umdlalo ungaba muhle kodwa uma uphele ngo 0-0 abantu abawujabuleli kangako. Uma kunamagoli umdlalo uba nesasasa, noma izinga lingekho phezulu. Kuhle ukubona igoli futhi ngiyethemba ukuthi azoqhubeka emidlalweni ezayo.”