ZIVALWE ngabadlali abamnkatshubomvu izikhala zabadlali ababili bamaProteas abangeke besaba yingxenye yochungechunge lwemidlalo yosuku ololudwa neWest Indies ngenxa yokulimala.
UKeshav Maharaj, ongumshwibi wohlobo lwe-spin, kulindeleke ukuthi ahlale izinyanga eziyisithupha engadlali ngemva kokulimala umsipha ohlanganisa umlenze nesithende, i-Achilles, emdlalweni weTest neWest Indies. Indawo yakhe ithathwe nguTabraiz Shamsi.
UWiaan Mulder, oqine ekushwibeni nasekushayeni ibhola, udonseke umsipha ongasezimbanjeni kodwa ukulimala kwakhe akukubi njengokukaMaharaj. Isikhala sakhe sivalwe nguWayne Parnell.
Omunye wabadlali bamaProteas, u-Imaad Fortuin, uthe nakuba belahlekelwe ngabadlali abamqoka, izikhala zabo zivalwe ngabanye abasezingeni eliphezulu.
“Into yokuqala efika emqondweni wami wukuthi bobabili uShamsi noParnell bamnkantshubomvu. Banenqwaba yemidlalo yosuku olulodwa neyeT20. Ukuba khona kwabo kuzoba wusizo nakukaputeni ngoba bazokwazi ukufika nemibono ehlukile,” usho kanje.
"Ngaphandle kwalokho bangabadlali abasezingeni eliphezulu abazokwazi ukwenza umsebenzi ababizelwe wona, ukuthola amawikhethi nama-run. Akumnandi ukulahlekelwa abadlali abanjengoKeshav noWiaan kodwa kungcono ngoba kuzongena abanye abazokwenza umehluko."
AmaProteas neWest Indies bazodlala imidlalo emithathu yosuku olulodwa. Owokuqala useBuffalo Park e-East London kusasa ngo-1 ntambama, owesibili uzodlalelwa enkundleni efanayo ngoMgqibelo, owokugcina ube seSenwes Park ePotchefstroom ngoLwesibili.
Elakuleli lisendaweni yesishiyagalolunye kwi-log ye-ICC World Cup Super League kanti lidinga ukungena kwi-Top 8 ukuze lizibekisele indawo eNdebeni yoMhlaba ezoba se-India ngo-Okthoba.
Lidinga ukuyinqoba yomithathu imidlalo neWest Indies liphinde lenze okufanayo kwemibili neNetherlands ukuze liqinise amathuba okungena kweyoMhlaba ngaphandle kokudlala imidlalo yokuhlunga.
"Iqembu leWest Indies liyingozi uma lishwiba noma lishaya ibhola. Banenqwaba yabadlali abajwayele ukubonakala kumaligi aphambili emhlabeni. Siyazi ukuthi kumele sizimisele kuzo zonke izinto okufanele sizenze enkundleni,” kuqhuba uFortuin.
"Siyazi ukuthi le midlalo nale esizoyidlala neNetherlands ibaluleke kangakanani kodwa asifuni ukuvumela lokho ukuthi kusifake ngaphansi kwengcindezi. Okuhle wukuthi sinomqeqeshi omusha futhi neqembu lihlose ukuqala kabusha."