WETHEMBA ukuthi asezovuleka amasango uThulani "Tulz" Mbenge onqobe ibhande le-IBO Welterweight ngeSonto.
UMbenge (33) wase-East London, e-Eastern Cape, ushaye ngamaphuzu uMichael McKinson empini ebingakubo, e-United Kingdom (UK).
Kwenzeke lokhu umkhaya wakhe, uPhumelele "The Truth" Cafu, esanda kwenza esifanayo, ebuya nele-WBO World Junior Bantamweight eTokyo, eJapan.
Leli bhande uliphuce uKosei Tanaka wakulona leliya lizwe. Kungokwesibili uMbenge enqoba i-IBO Welterweight. Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2019 leli bhande waliphuca uSebastian Formella empini eyayiseGermany.
Ngemuva kwaleyo mpi lo mshayisibhakela wakhala ngokubanjwa inkunzi. NgoMsombuluko ekuseni uMbenge nekhona lakhe, eliholwa nguSean Smith, bebehlangatshezwe yizinkumbi zabalandeli besibhakela esikhumulweni sezindiza, i-OR Tambo. Bekukhona nezikhulu zeBoxing South Africa (BSA) okubalwa kuzo uMandla Nhlanganiso noLuthando Zibeko ongumkhulumeli wayo. UMbenge utshele abezindaba ukuthi usazama ukwetshisa le mpumelelo.
Uveze ukuthi sekuvunyelwene ukuthi uzophinde alwe noMcKinson.
"Le mpindamshaye izoba ngoDisemba noma ngoFebhuwari. Kuyacaca ukuthi le ndoda ayanelisekanga ngesibhaxu engiyinike sona. Uma konke kuhambe kahle kungenzeka silwele kuleli. Kulokhu ngifuna uMcKinson aphume ngohlaka eringini. Ngaphandle kwalokhu ngijabule kakhulu ngokubuyisa i-IBO Welterweight," kubeka uMbenge owanqobela elakuleli indondo yethusi kumaCommonwealth Games ayeseScotland ngo-2014.
Uveze ukuthi uke wahlukumezeka kakhulu njengoba iningi lamabhokisa ayibamba esisindweni sakhe abesaba ukulwa naye.
"Yingakho ngithi ngethemba ukuthi njengoba sengiphinde ngaba umpetha we-IBO, izimpi zizoqhamuka. Abantu bazobe befuna lesi sicoco. Ngihlukumezeke kakhulu ezinyangeni ezedlule amabhokisa engibalekela. Ngisho nawangaphandle. Vele kuleli nase-Afrika jikelele angisenantanga. Isifiso sami ukuthi ngelinye ilanga lesi sicoco ngisibange nomuntu naye ozofaka esakhe esitikini. Angisabi muntu, ngikleliswe endaweni yesishiyagalombili emhlabeni kwi-welterweight."
UMbenge usanqobe eziwu-21, wahlulwa kwezimbili.
Useke waphatha ibhande le-WBC International, ABU neleWBA Pan African.
Ngaphambi kokuya eLondon uqale washaya uLeandro Fonseca wase-Argentina empini ebingasekuqaleni konyaka eThekwini.