USENESILONDA sokuphunyukwa indondo yethusi kumaParalympic Games umdlali wakuleli we-wheelchair tennis, uLucas Sithole, ozophinde amele iNingizimu Afrika kule midlalo yabaphila nokukhubazeka eqala ngo-Agasti 28 eParis, eFrance.
Le nsizwa yasoSizweni, eNewcastle, itshele Isolezwe ukuthi ijabule njengoba iphinde yathola ithuba lokuba ingxenye yamaParalympic.
USithole akazange abekhona emidlalweni yango-2021 eTokyo, eJapan, ngenxa yokuthi ngo-2020 wamiswa iminyaka emibili engayidlali i-tennis kulandela ukungatholakali izikhawu ezintathu ukuhlolelwa izikhuthazi ezingadingeki egazini.
KumaParalympic waqala ukumela elakuleli ngo-2012 eLondon.
Ngo-2016 eRio de Janeiro, eBrazil, kwala kancane athole indondo yethusi, walala endaweni yesine.
USithole uthe namanje isebuhlungu inhliziyo yakhe uma ecabanga indlela eyamphunyuka ngayo le ndondo.
"Ngase ngizitshelile ukuthi ngibuya nayo indondo yethusi. Ukuyinqoba kwakuzosho lukhulu kumina. Ngebhadi kwabheda ekugcineni. Akusenani njengoba sengiphinde ngalithola elinye ithuba. Isifiso sami eParis wukungena kweyandulela eyamanqamu. Uma sengingenile kuzoba lula ukuyithola indondo," kubeka uSithole.
Uthe isizathu esimenza akhulume ngalokhu kuzethemba ukuthi benomqeqeshi wakhe, uHolger Losch, waseGermany babe namalungiselelo amahle. Ubonge wanconcoza kwiNyatee Foundation kaDumisani Nyathi ngokuxhasa wonke amalungiselelo akhe.
Izolo le nhlangano engenzi nzuzo beyenzele uSithole isiphihli somcimbi wokumvalelisa obuseSandton, eGoli. Iphinde yamgixabeza ngonyanyavu lwetekisi, iVito Mercedes-Benz.
"Ngibonga kakhulu kwiNyatee Foundation ngakho konke engenzele khona. Ngaphandle kwayo angazi ukuthi bengizoba yini. Iwakhokhele wonke amalungiselelo ami. Isandla sedlula ikhanda."
NgoJulayi 25, 1998 uSithole waba engozini yesitimela eyamshiya enqunywe izinyawo zombili nesandla sokudla. Ukhuthaze intsha ekhubazekile nesakhula ukuthi ingavumi kushabalale amaphupho ayo.
"Asikaze sidlule isikhathi sokufeza amaphupho. Ngesikhathi nginqunywa izinyawo nengalo angizange ngivume ukuthi lishabalale iphupho lami lokuhlonishwa emhlabeni kwi-tennis. Ayisukume intsha yakithi, amathuba akhona lapha ngaphandle," kusho yena.
USithole useke wanqoba izinkomishi ezingaphansi kweGrand Slam. Kwabadlala ngabodwa ngo-2013 wanqoba i-US Open, kwathi ngo-2014 waphuma kowamanqamu e-Australian Open. Kwabadlala ngababili ngo-2016 wanqoba i-Australian Open. Ngo-2013 nango-2014 waphuma kowandulela owamanqamu alo mqhudelwano. Ngo-2018 waphuma kowandulela owamanqamu eWimbledon.
UNkululeko Khanyi okhulumela iNyatee Foundation utthe ukuxhasa uSithole ngezindleko yokuya eFrance nangemoto baqhubeka nenhloso yabo yokusiza abantu abahlwempu.
"Simuthengele le moto ngoba sifuna angahlukumezeki njengoba ekhubazekile. Kuzwelile kuthina ukuzwa ukuthi ubuye agibele amatekisi uma eyodlala noma eyojima. Asigcinile ngaye, baningi abantu bakithi abahlwempu iNyatee Foundation esazobaxhasa," kubeka uKhanyi.