ESINYE sezithenjwa zeqembu lesizwe lakuleli lebhola lombhoxo, u-Eben “Elizabedi” Etzebeth, sishiywe ngaphandle ngesikhathi kuqokwa isikwati esizobhekana neNew Zealand ngoMgqibelo emdlalweni weRugby Championship.
Lawa maqembu angamanye ahlonishwayo kulo mdlalo emhlabeni azodudulana ngo-5 ntambama e-Emirates Airline Park, eGoli.
AmaBhokobhoko azobe ebheke ukunqoba imidlalo emithathu ilandelana kulo mqhudelwano awuvule ngokuqumba phansi i-Australia kabili ekuhambeni.
Ama-All Blacks azobe ehlose ukukhuphula amathuba okuthi avikele le ndebe aseyinqobe iminyaka emine ilandelana ngokuphazamisa amaBhokobhoko.
Leli qembu linqobe umdlalo owodwa, lakhala ngaphansi kowodwa kwemibili yokuvula ne-Argentina.
Umqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus, wenze izinguquko eziyisishiyagalolunye eqenjini elinqobe amaWallabies kwabagcine ukuwudlala ePerth.
Okuqapheleke kakhulu wukuthi u-Pieter-Steph du Toit, ojwayele ukudlala kwi-flank, uzoqala kwi-lock ngoMgqibelo.
Lokhu kungenxa yokuthi kunenqwaba yabadlali abagijima kwi-lock abasamile ngenxa yokulimala.
Kubona kubalwa u-Etzebeth olimele iqolo, uSalmaan Moerat owashayeka ekhanda, uRG Snyman olimele onyaweni, uFranco Mostert ophuke umlenze, uLood de Jager othinteke ehlombe noJean Kleyn olimele esweni nasedolweni.
“Akukuhle ukuthi silinyalelwe ama-lock amaningi kangaka kodwa sijabulile ngendlela u-Ruan (Nortje) ame ngayo emdlalweni wethu wokugcina futhi sinesiqiniseko sokuthi uzohlangana kahle no-Pieter-Steph,” kusho u-Erasmus.
"Besingamdlalisa u-Eben kuleli sonto, ubekulungele ukube besimdinga ngempela kodwa sibona sengathi kungcono kakhulu ukusebenzisa umdlali okulungele ngokuphelele ukudlala.
"USalmaan naye uzobe esekulungele ukubuya emdlalweni wesibili uma esedlule kukhona konke okudingekayo uma umdlali ekade elimele ekhanda."
Kulo mdlalo kuzovuka amagqubu kwazise amaBhokobhoko agcina enqobe ama-All Blacks ngo 12-11 kowanqamu eNdebeni yoMhlaba ngo-Okthoba nyakenye.
"Asingabazi ukuthi bazofika kulo mdlalo bevutha bhe. Bazofuna ukuqhubeka nomgqigqo njengoba benqobe i-Argentina kowakamuva. Umlando wemidlalo yamaBhokobhoko nama-All Blacks uzobakhuthaza kakhulu," uqhube kanje u-Erasmus.
“Akungabazeki futhi ukuthi basabambe igqubu lokuthi sabahlula kowamanqamu eNdebeni yoMhlaba. Bayazi futhi ukuthi lo mdlalo usemqoka kanganani uma befuna ukuzibeka ethubeni lokunqoba iRugby Championship.
"Bayiqembu elisezingeni eliphezulu ngakho-ke sizokwenza konke okusemandleni ukuthi sithole lawa maphuzu."
Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana neNew Zealand:
Abazoqala: 15 Aphelele Fassi, 14 Cheslin Kolbe, 13 Jesse Kriel, 12 Damian de Allende, 11 Kurt-Lee Arendse, 10 Sacha Feinberg-Mngomezulu, 9 Cobus Reinach, 8 Jasper Wiese, 7 Ben-Jason Dixon, 6 Siya Kolisi (ukaputeni), 5 Ruan Nortje, 4 Pieter-Steph du Toit, 3 Frans Malherbe, 2 Bongi Mbonambi, 1 Ox Nche
Ebhentshini: 16 Malcolm Marx, 17 Gerhard Steenekamp, 18 Vincent Koch, 19 Marco van Staden, 20 Elrigh Louw, 21 Kwagga Smith, 22 Grant Williams, 23 Handre Pollard