XOLILE MPISANE
ULANDELE ozakwabo bamaBhokoBhoko namaProteas ukaputeni weqembu lesizwe le-netball lakuleli, uBongiwe Msomi, osengaphansi kwenkampani yaphesheya iRoc Nation Sports.
Le nkampani imaketha osaziwayo kwezemidlalo kanti abanye asebayijoyina ukaputeni wamaBhokobhoko uSiya Kolisi, nowamaProteas uTemba Bavuma.
Sebengaphezulu kuka-100 abadlali abangaphansi kwale nkampani emhlabeni, iningi labo lidlala i-baseball, i-basketball, i-American football nebhola lezinyawo.
UMsomi (33) ungowokuqala odlala i-netball kanti ngokusho kukaMengameli we-Roc Nation Sports, uMichael Yormark, le nkampani iyona esizophatha izindaba ezibhekene naye kwezemidlalo nangaphandle kwenkundla.
“Siyaziqhenya kakhulu ngokuthi uBongi useyilungu lomndeni wethu okhulayo waseNingizimu Afrika. Ungumdlali onekhono elimangalisayo kanti usephumelele kaningi enkundleni,” kusho uYomark.
“Usebenze kakhulu wawuphakamisa umdlalo we-netball eNingizimu Afrika nasezwenkazi lonke lase-Afrika. Sizimisele ukuthi siqhubeke nendima aseyiqalile, simsize ukuze afeze amaphupho akhe enkundleni nangaphandle.”
UMsomi usedlale imidlalo ewu-126 eqenjini lesizwe kanti walihola waze walifaka emdlalweni owandulela owamanqamu kwiNdebe yoMhlaba yango-2019.
Kwi-Telkom Netball League yangonyaka odlule ubedlalela iqembu laseGauteng amaFireballs futhi uwumqeqeshi weqembu le-netball lase-University of Johannesburg.
Lo mdlali odabuka eHammarsdale, wasungula iqembu iHammarsdale Sunbeams, elidlala ezigabeni ezimbili ze-KZN Netball Super League. Inkampani yakhe iBongi Msomi Legacy Project ithuthukisa abadlali be-netball abasebancane.
Ngaphandle kwalokho ubuye abe nohlelo lokunikezela ngama- pads emiphakathini eyehlukene. Unethemba lokuthi iRoc Nation izomsiza ukuthi aqhubeke nezinhlelo aseziqalile noma eseyekile ukudlala.
“Kuyinjabulo ukuba yingxenye ye-Roc Nation Sports. Inhloso yami ukumatanisa izifiso namaphupho ami nabantu, noma izinhlangano, ezikubonayo ukubaluleka kwami futhi ezingihloniphayo,” kusho uMsomi.
“Kuyinhlanhla engandele bani ukuthi ngihlangane nabantu abazimisele ngokungithuthukisa ngokomsebenzi futhi ngilindele okuningi okuhle.
"Angikhulumeli okwamanje kuphela kodwa ngibala nekusasa lami. Kuyisibusiso futhi ngimbonga kakhulu uMdali.”