UKULIBAMBA ngazo zombili ithuba lokuqeqesha iqembu leCell C Sharks elidlala kwiCurrie Cup, sekuholele ekutheni umqeqeshi walo uJoey Mongalo akhushulelwe eqenjini elikhulu.
UMongalo ufike kwiSharks ngoJuni nyakenye esuka kwiBlue Bulls. Kuleso sikhathi iqembu elikhulu elidlala kwi-United Rugby Championship (URC) laliholwa nguSean Everitt, ogcine ekhonjwe indlela ngoNovemba, iqembu lacijwa nguNeil Powell.
Ngenyanga edlule iSharks iqinisekise ukuthi uPowell usezophindela esikhundleni sokuba ngumqondisi wezombhoxo kuleli qembu, okuchaza ukuthi wengamele wonke amaqembu ayingxenye yomndeni weSharks okubalwa kuwona awenkulisa nelabesifazane.
NgoMsombuluko ntambama, leli qembu lidalule izinguquko ezenziwe ethimbeni labaqeqeshi elizosebenza ngaphansi kukaJohn Plumtree.
Abaqeqeshi abadabuka phesheya, uYannick Bru, Noel McNamara no-Akvsenti Giorgadze, ngeke besaba yingxenye yeSharks ngesizini ezayo ye-URC.
UMongalo, obeke iSharks esicongweni kwiCurrie Cup, usezoqeqesha udonga lwasemuva eqenjini elikhulu. UDave Williams uzoba ngungqondongqondo ozohlanganisa amaqhinga okuhlasela, uPhiwe Nomlomo aqondane nabakhahlelayo, bese uPhilip Lemmer noWarren Whiteley begxila ekuqeqesheni izikhondlakhondla ezidlala phambili.
Njengoba uMongalo ezonyukela eqenjini elikhulu lapho sekuqala isizini entsha ye-URC, iqembu leCurrie Cup selizoqeqeshwa ngu-JP Pietersen, ozosizwa nguMike Vowles noLuvuyiso Lusaseni.
Kule sizini ye-URC esanda kusongwa ngenyanga edlule iSharks iwashiswe ijezi kuma-quarter-final, idliwa yiLeinster yase-Ireland.