NAKUBA elinye lamaqhawe akuleli, uMpumelelo Mhlongo likhala ngobunzima bokuqhudelana kwi-long jump nasebangeni lika-200m kodwa libona linalo ithemba lokuthola enye indondo kumaParalympic Games aqhubeka eParis, eFrance.
Kuye njengokufisa kwale nsizwa yaseKlaarwater, eThekwini, iba ngeyokuqala ukunqobela elakuleli indondo kwiT44 100m ithola eyegolide.
Lokhu kusho ukuthi seyino-R400 000 ephaketheni.
Emasontweni edlule, itshele Isolezwe ukuthi ukuba ngomunye wabanikwa igunya lokuphatha ifulegi lakuleli emcimbini wokuvula amaParalympic kuhambisana nenselelo yokunqoba izindondo.
Namuhla ngo-8.29 ebusuku, uMhlongo uzoqhudelana kowamanqamu eT64 long jump. NgoMgqibelo, uzogijima iT64 200m, owamanqamu kuleli banga uzoba ngosuku olufanayo.
Kwezokusubatha nakwi-long jump kuT64 kuqhudelana abagqoka isicathulo sokufakelwa (running blade) onyaweni olulodwa. KuT44 kuqhudelana abangasifaki, abagijima ngezinyawo zabo.
Sikhulu isikhalo kwabeT44 ngokuboshelwa nabeT64 kweminye imiqhudelwano. Bakhala ngokuthi ama-running blade abenza babe nejubane uma kugijinywa baphinde bagxume ibanga elide kwi-long jump. Lokhu kwenza babe namathuba amaningi okunqoba.
Lesi simo senze uMhlongo kumaParalympic adlule eJapan, wangabuya nandondo ekubeni aphula amarekhodi omhlaba kwiT44 100m, 200m nakwi-long jump.
Kukhulunywa ukuthi unqobe indondo ngempelasonto edlule ngenxa yokuthi bebeqhudelana bodwa kwiT44 100m.
Utshele Isolezwe eseParis ukuthi sebeyilwe kakhulu impi yokungaboshelwa nabeT64 kwi-long jump nakwelika-200m
"Abaphathi bamaParalympic basitshela emehlweni ukuthi asiyeke ukungenela i-long jump nokugijima u-200m uma sibona ukuthi abukho ubulungiswa. Bathi le midlalo ngeyabanezicathulo zensimbi," kubeka uMhlongo.
Uqhube wathi nakuba engazi kahle kwi-long jump kodwa ku-200m unalo ithemba.
"Nakhona kwiT64 long jump ngizolwa. Noma kanjani ngizongena kowamanqamu. Nokho ithemba lenye indondo likuT64 200m. Nakuba izimbangi zami zivunwa izinsimbi kodwa ngihlale ngifinyelela kowamanqamu. Kulokhu ngizibona nginalo ithemba lokunqoba eyesiliva noma eyethusi."
Namuhla kwi-long jump, uMhlongo oxhugayo uma ehamba noMarco Licchetti wase-Italy, yibona abangeke bawagqoke ama-running blade.