XOLILE MPISANE
UBONA umqhudelwano iSA20 uzosiza ekufukuleni ikhilikithi yakuleli ukaputeni weSunrisers Eastern Cape, u-Aiden Markram.
ISunrisers ibe ngompetha bokuqala balo mqhudelwano ngokuhlula iPretoria Capitals ngamawikhethi amane kowamanqamu obudlalelwa eWanderers, eGoli, ngeSonto.
Lo mdlalo bekumele ube ngoMgqibelo kodwa wahlehliswa ngenxa yemvula ebiyidliva eGauteng.
ISunrisers ifinyelele kowamanqamu ngokulala isithathu kwi-log yase ishaya iJoburg Super Kings kowandulela owamanqamu. ICapitals idle iPaarl Royals kowandulela owamanqamu kulandela ukuqhwakela kwi-log ekupheleni kwemidlalo yamaqoqo.
Ngenxa yalokhu iqembu lasePitoli yilona ebelithwelwe ngeqoma ngaphambi kowamanqamu kodwa langalibona elidlalyo.
Abashwibi beSunrisers babenzele walula umsebenzi ozakwabo bebakhipha bonke abashayayo beCapitals kwi-over yokugcina, besathole ama-run angu-135 kuphela.
ISunrisers ifinyelele kuma-run angu-137 kusasele amabhola angu-22, isalahlekelwe amawikhethi ayisithupha.
“Ngiyaziqhenya ngeqembu ngoba asiwuqalanga kahle umqhudelwano kodwa kube kuhle ukuphindela emuva ngendlela esenze ngayo,” kusho uMarkram.
"Iqembu lethu belinabadlali abaningi abaqinile ngokomqondo abebezimisele ukunqoba imidlalo baphinde bawabonakalisa namakhono abo enkundleni."
Lo mqhudelwano obudlalwa okokuqala ubunamaqembu ayisithupha abezinze ezindaweni ezahlukene zezwe.
Amanye angakwazanga ukungena kweyomkhumulajezi yiDurban Super Giants neMI Cape Town.
Yize wonke ebephethwe yizinkampani zase-India bekumele abe nabadlali bakuleli abangu-10 noma ngaphezulu bese abaqhamuka kwamanye amazwe bangadluli kwabayisikhombisa.
UMarkram ukholelwa ekutheni isipiliyoni esitholwe ngabadlali bakuleli kulo mqhudelwano, ikakhulukazi laba abasebancane, sizokhuphulela ikhilikithi yakuleli kwelinye izinga.
Lo mqhudelwano ufike nelikhulu isasa njengoba nabalandeli bephume ngobuningi ukuyobukela ezinkundleni, nokuyinto ebingasaziwa kuleli eminyakeni edlule.
“Ukudlala phambi kwezihlwele ezingaka yinto iningi labadlali bethu abasebancane ebelingayitholi kwikhilikithi yasekhaya futhi bebengayazi ingcindezi ehambisana nalokho,” kusho u-Markram.
“Njengoba sebewuzwile lo mqhudelwano sebenalo ulwazi lokuthi kunjani ukudlala ezingeni eliphezulu futhi kuzobasiza uma sebethola amathuba okudlalela iqembu lesizwe.
“Baphinde basondelana nabanye abahamba phambili mehlbanei abaqhamuka emazweni ahlukene, kuzobakhulisa kakhulu nalokho.
"Abadlali abangakhethwanga kulo nyaka nakanjani bazokwenza konke okusemandleni ukuthi babe yingxenye yomqhudelwano ozayo. Lokho kuchaza ukuthi lizokhuphuka izinga lekhilikithi emiqhudelwaneni yasekhaya."
Abathole izindondo ngemuva komqhudelwano weSA20:
Rising Star: Eathan Bosch (Pretoria Capitals)
Batsman of the Season: Jos Buttler (Paarl Royals)
Bowler of the Season: Roelof van der Merwe (Sunrisers Eastern Cape)
Player of the Season: Aiden Markram (Sunrisers Eastern Cape)