USEPHUPHA ngokulwela ibhande lomhlaba uMapule Ngubane oqhubekile nokujabulisa abalandeli bakhe, evikela ibhande likazwelonke le-SA Female Middleweight kuRita Mrwebi waseMthatha, e-Eastern Cape.
Le ntokazi yaseSmero, eMgungundlovu, inqobe ngamaphuzu kulo mqhudelwano obuhlelwa iHlula Dladla Boxing Promotions ngempelasonto edlule.
Bekungekho ngisho indawo yokunyathela e-Olive Convention Centre, eThekwini. Lo mqhudelwano ubuhlotshiswe impi yomculi weHip Hop, uSiyabonga "Big Zulu" Nene noPhumlani Njilo ongusomabhizinisi odumile waseMgungundlovu. Sekuyindaba exoxwayo ukuthi uNjilo unqobe ngamaphuzu. UBig Zulu noNjilo bathole olukhulu uxhaso njengoba bekuphume abaculi abafana noDJ Tira, Zakwe nabanye. Bekungokwesibili uMapule evikela lesi sicoco.
UMapule uku-top 5 ezilinganisweni zamabhande amane ahlonishwa umhlaba wonke. Lezi zicoco i-WBC, WBA, IBF neWBO.
UMapule uthe njengoba enqobile wethemba ukuthi uzonyuka kwizilinganiso zomhlaba. Ucele ophromotha bakuleli ukuthi bamsize ukuze ezothola esinye salezi zicoco.
"Iminyaka iya ngokungishiya, maduze ngizowagaxa emgibeni amagilavu. Isifiso sami ukuthi ngiyeke isibhakela sengike ngaliphatha elinye lala mabhande. Ngingaba owesifazane wokuqala KwaZulu-Natal ukuphatha esinye salezi zicoco. Ngiyacela kophromotha ukuthi bangisize ukufeza leli phupho. Ngingabe ngiqophe umlando," kubeka uMapule.
Kuleli wuNoni Tenge kuphela kwabesifazane owake waphatha ibhande le-IBF Welterweight phakathi kuka-2011 no-2012.
UMapule uveze ukuthi kalimjabulisanga izinga likaRita.
"Bengifuna siqhuthane amazenze, kucace ukuthi ubani inkunzi. Ukungabi bikho kwakhe ezingeni eliphezulu kungithene amandla. Kunomzuliswano lapho okuke kwathi angiqede ngaye kodwa ngacabangela abantu abathenge amathikithi ngemali yabo ukuzobuka le mpi. Ngithe othi ngibabonise umdlalo isikhathi eside.“
Kwenye impi ebibhekwe ngabomvu, uSiboniso "Tiger" Gonya ushaye ngamaphuzu uMduduzi "GTI" Mzimela kweyebhande le-KZN Junior Featherweight.
Kwenye, uLindelani Sibisi ushaye ngomcacamezelo womlalisa phansi uSange Ngoza wase-Eastern Cape kweyebhande ebelingaphethwe muntu le-WBA Pan African Featherweight.
KweyeKZN Lightweight, uSandile Dumisa uhlule uSiphesihle Mtungwa bese uPhikeleni Khumalo wagingqa ngomzuliswano wesishiyagalolunye uSiphiwe Mbhele kweyeKZN Junior Middleweight.
UHlula Dladla obenze lo mqhudelwano, ubonge wanconcoza kwabebewuhambele. Uncome namabhokisa ngokulwa isibhakela esimnandi. Uthe kusekuncane lokhu, ngonyaka ozayo bahlela ukwenza indumezulu yemiqhudelwano.
"Sizobona ukuthi simisa kanjani. Mhlawumbe sizoqhatha uKhuzani naye uBig Zulu noma uDJ Tira nomunye wabaculi. Inhloso ukubuyisa uthando nedumela lwesibhakela. Zinkulu izinhlelo ngonyaka ozayo," kubeka uDladla.