UZOHLALA phansi nabaqeqeshi bakhe uGlenrose "Supercharger" Xaba, babonisane ngebanga azoligijima kumaWorld Athletics Championships azoba ngonyaka ozayo eTokyo, eJapan.
Le ntokazi iveze ukuthi ingumgijimi wezinga eliphezulu ngesikhathi iphula irekhodi lika-42km lakuleli ngesikhathi esiwu-2:22.22, inqoba iCape Town Marathon ngempelasonto.
Iphule rekhodi likaGerda Steyn lika-2:24.03 alenze nyakenye kwiValencia Marathon. Yenze lokhu ekubeni beyiqala ukugijima leli banga. Kuyaziwa ukuthi ijwayele ukwenza ezibukwayo ku-5000m naku-10 000m.
Ngalesi sikhathi uGlenrose uzithengele ithikithi lokuyomela elakuleli kumaWorld Champs, ngonyaka ozayo, ngoSepthemba 13-21, eTokyo.
Kwabesifazane isikhathi sokuhlungela ukuya khona u-2:23.30, kwabesilisa kube u-2:06.30.
Bekungakapheli sikhathi esingakanani uGlenrose eqeda ukwephula elika-Elana Meyer ebangeni lika-10km enza isikhathi esiwu-31:12 kwiRun Your City Durban 10km.
U-Elena wayeliphule eminyakeni ewu-23 edlule ngesiwu-31:13.
Akubuzwa ukuthi lo nyaka bekungowakhe uGlenrose ngoba usanda kuklonyeliswe ngokuba ngumpetha wochungechunge lweSpar Women’s 10km Grand Prix. Uphinde abe umpetha webanga lika-5000.
Ngesikhathi ekhuluma neSolezwe lo msubathi ubehleli nomunye wabaqeqeshi bakhe, uViolet Raseboya ongunkosikazi kaCaster Semenya.
"Angazi ukuthi lo nyaka ngingawuchaza ngithini. Selokhu ngaqala ukugijima ngiyaqala ukwehlelwa inhlanhla engaka. Kuqinisiwe uma kuthiwa uzuza imiphumela emihle uma uzikhandla. Ngibonga kakhulu kubaqeqeshi nakozakwethu engijima nabo. Ngaphandle kwabo bengingeke ngiyizuze le mpumelelo," kubeka uGlenrose.
Uthe nakuba ejabule ukuthi usesenzile isikhathi esimfaka kumaWorld Champs kodwa basazobonisana ukuthi eTokyo uzoyela u-42km noma u-10 000m.
"Kuyangijabulisa ukuthi sengisenzile isikhathi samaWorld Champs. Nokho sisazobonisana nabaqeqeshi ukuthi ngiqhubeke yini nokuzama esika-10 000m noma sisale sesima kuyo i-marathon. Okuhle ukuthi noma kungabheda kwamanye amabanga kodwa sengiliphethe ngesandla ithikithi laseTokyo," usho kanje.
NgokweWorld Athletics, ebangeni lika-10 000m, kumele abesifazane abafuna ukuya eTokyo bagijime esiwu-30:20. Abesilisa kumele benze esiwu-27:00.
UViolet uthe uyaziqhenya ngoGlenrose. "Kuningi okusamele sikubhunge ngekusasa likaGlenrose ngoba namaWorld Champs angonyaka ozayo. Ngiyombongela, kuba njena uma uzikhandla.“
UGerda obuye abe umpetha weComrades Marathon, ucashunwe ezinkundleni zokuxhumana ebongela uGlenrose.
"Bengilokhu ngimbona uGlenrose ekhula ekugijimeni kule minyaka edlule. Ngivele ngabona ukuthi uzokwenza kahle ngesikhathi eveza ukuthi uzongenela imarathon okokuqala," ucashunwe esho kanje uGerda.