UJABULELA ukuthi usezokwazi “ukufaka isaka ekhaya” uNtethelelo Nkosi ongumpetha omusha we-SA Junior Welterweight.
UNkosi (6-2-0) waseDukuduku, eMtubatuba, wehlule ngomgqimuzo womlalisa phansi umpetha uPrince Dlomo waseMgungundlovu, eSuncoast Casino ngoLwesihlanu ebusuku.
Le mpi ibingeyosuku kwebezihlelwe yiStarline Boxing Promotions neWhite Buffalo Boxing and Fitness kaFrancios Botha. UDlomo uhlwithwe ibhande laseMzansi nguNkosi obeqala ukulwela isicoco saseNingizimu Afrika futhi ubeselivikele ngempumelelo amahlandla amane.
Ukuzimisela kukaNkosi ngokuwina ibhande kuhlale obala eqhubeka nokuya phambili phezu kokuba evuke phansi ngemizuliswano yokuqala. Kuhlokome inkundla ngesikhathi eshaya izibhakela ezisheshayo ezingene kuDlomo, imilenze yabheka phezulu ngomzuliswano wesishiyagalolunye.
“Ngiyajabula ngokuwina ibhande laseNingizimu Afrika. Ngicabanga ukuthi uhambo lwami esibhakeleni luyaqala manje. Izinto sezizohamba kahle. Sengizokwazi ukuvikela ibhande, ngithole izimpi. Bekunzima sonke lesi sikhathi kusukela ngiqale isibhakela esikhokhelayo ngo-2018.
“Bengingalitholi ithuba lokulwa ngendlela engithanda ngayo. Kodwa manje ngoba sengiphethe ibhande, sengizolwa kabili noma kathathu ngonyaka. Kuzovuleka izinto eziningi. Isibhakela ngiyasithanda. Iyona into engondla ngayo ekhaya, ngakho ngiyajabula ukuthi ngiwine ibhande. Leli bhande ngizolivikela kabili noma kathathu. Ngifuna ukuzibona ngikwelinye izinga, ngiwelele naphesheya kwezilwandle ukuze ngikhuphule indawo engisuka kuyona eMtubatuba,” kusho uNkosi.
Mayelana nempi, uthe:“ Bekuyimpi enzima. UDlomo ngumshayisibhakela onesipiliyoni futhi ngiyamhlonipha. Ubezilungiselele eza empini, nami bengizilungiselele. Ngakho ukuvuka kwami phansi kuyinto eyenzekayo. Esibhakeleni kungenzeka noma yini. Naye ubezowina, nami bengizowina. Ngesikhathi impi iqhubeka umqeqeshi ubengikhombisa amaphutha akhe. Ukuba angilalelanga ikhona lami ngabe mhlawumbe impi iphele ngamaphuzu.”
Kwenye impi ebibhekwe ngabomvu, uThema Zuma uvikele ngempumelelelo ibhande le-SA Female Junior Bantamweight kuBabalwa Ngqongqotha wase-Eastern Cape. Empini yebhande le-KZN Junior Welterweight, uLindokuhle Dlamini wehlule ngamaphuzu uNhlonipho Hlubi.
UNkosi oqeqeshwa nguDamian Durandt eGauteng, ungumpetha waseMzansi ka-100 esitebeleni iDurandt’s Boxing & Fitness eyaqalwa nguNick “Mthakathi” Durandt ongasekho.
“Ukukhiqiza ompetha baseMzansi abangu-100...(yinto enkulu) ayikho ijimu efike kulokho. Ubaba wakhiqiza ompetha abangu-38 bomhlaba, sengingeze ngababili. Ngakho sinompetha bomhlaba abangu-40. Kade bengu-28 abamazwe, sengengeze ngabayisithupha noma ngabayisikhombisa,” kusho uDurandt.