UKAPUTENI wamaProteas, uTemba Bavuma, ukholelwa ekutheni iqembu lakhe lizoqhubeka nokukhula yize lihlulwe yiWest Indies ngama-run angu-48 emdlalweni wesibili wosuku olulodwa eBuffalo Park, e-East London, ngoMgqibelo.
I-West Indies iwine ithosi yakhetha ukushaya kuqala. Ihlanganise ama-run angu-338 kuma-over angu-50, isilahlekelwe amawikhethi ayisishiyagalombili. Ukaputeni wayo, uShai Hope, uyena ohambe phambili ngokushaya ama-run angu-128 emabholeni angu-115.
AmaProteas ahlulekile ukufinyelela kuleso sibalo njengoba ekhishwe wonke kwi-over ka-42 esashaye ama-run angu-287. UBavuma ushaye angu-144, okuyisibalo sakhe esiphezulu kulolu hlobo lwekhilikithi, kodwa akuzange kwanele njengoba abanye abadlali abeshaya nabo bebelokhu bephuma.
Lo mphumela usho ukuthi iWest Indies isihamba phambili ngo-1-0 kulolu chungechunge ngemva kokuthi umdlalo wokuqala obekufanele udlalelwe enkundleni efanayo ngoLwesine, ugcine ubhuntshile ngenxa yemvula.
AmaProteas aqale lo mdlalo ngabadlali abane abebedlala umdlalo wabo wokuqala wosuku olulodwa eqenjini lesizwe okungumshwibi, uGeorge Coetzee, nababhethayo uTony de Zorzi, Tristan Stubbs noRyan Rickelton.
UCoetzee uthathe amawikhethi amathathu, uDe Zorzi wathola ama-run angu-27, kwathi uRickelton noStubbs bathola ama-run angu-14 nayisithupha, ngokuhlukana.
Bekuwuchungechunge lokuqala iqembu losuku olulodwa lidlala ngaphansi komqeqeshi omusha uRob Walter, kwazise izintambo zaziphethwe nguShukri Conrad ngesikhathi libhekene ne-England, ekuqaleni kwalo nyaka.
“Akujwayelekile ukuthi kusetshenziswe abadlali abane abasha ngesikhathi esisodwa. Siphoqwe wukugula nokulimala kwabadlali abathile kodwa noma kunjalo ngicabanga ukuthi laba abangenile bafunde lukhulu,” kusho uBavuma.
“UGerald Coetzee ushwibe kahle, edlala enkundleni ebingasheshi njengalezi azijwayele. UTony ungene ngesikhathi iqembu lingaphansi kwengcindezi futhi edinga ukuthola ama-run, ngicabanga ukuthi ukwenze kahle lokho.
“UStubbs useyizwile ikhilikithi yamazwe ngamazwe futhi uzoqhubeka nokukhula. Ngingasho okufanayo ngoRickelton, bonke bazokhula futhi kumele sibanike isikhathi.”
UBavuma usefomini enhle njengoba esanda kushaya ama-run angu-172 emdlalweni we-Test bebhekene ne-West Indies. Unethemba lokuthi usazoqhubeka nokudlala kahle futhi asize iqembu lithole imiphumela emihle.
"Ngisebenzisa ukuzethemba engikuthola kozakwethu nabaqeqeshi abasha. Ngizizwa ngisesimeni esihle. Umqondo wami uhluzekile futhi ngiyakuqonda esizama ukukwenza nendlela esihlose ukukwenza ngayo,” usho kanje uBavuma.
“Bengivele nginalo ikhono kodwa okuhlukile ukuzethemba, lokho kubaluleke kakhulu kunoma yimuphi umdlali. Ngizama ukuqhubeka nefomu engayithola sibhekene ne-England.
“Ngilishaya kahle kakhulu ibhola okwamanje futhi ngiyakwazi ukuthola izikhala, okuyinto enkulu kimina. Ngiyethemba ukuthi konke kuzoqhubeka ngendlela okwenzeka ngayo.”
Ama-Proteas azobe ebheke ukulinganisa kulolu chungechunge uma esedlala owokugcina neWest Indies e-Senwes Park, ePotchefstroom ngoLwesibili ngo-10 ekuseni.
La mazwe asazophinde atholane phezulu emidlalweni emithathu yeT20 ezoqala ngoMgqibelo.