I-CRICKET South Africa (CSA) iqinisekisile ukuthi u-Aiden Markram, uzoba ngukaputeni omusha weqembu lesizwe lemidlalo yeT20, evala isikhala sikaTemba Bavuma.
U-MARKRAM uzoqala ukuhola iqembu ngasekupheleni kwephezulu uma selibhekene neWest Indies, ngemva kokuthatha izintambo kuBavuma oshiye isikhundla ngenyanga edlule.
UBavuma usengukaputeni weqembu lemidlalo yosuku olulodwa, nelamaTest, ebeliholwa nguDean Elgar.
Useke waba ngukaputeni weqembu lesizwe le-Under 19 uMarkram namanye amaqembu akuleli ezingeni lezifundazwe. Nguyena obehola iSunrisers Eastern Cape, inqoba isicoco sokuqala seBetway SA20.
“Ngithanda ukuhalalisela u-Aiden ngokuqokwa kwakhe ukuba ngukaputeni weqembu lamaProteas leT20. Ubuholi yinto ayijwayele njengoba ehole ngempumelelo emazingeni amaningi,” kusho umqondisi wekhilikithi kwiCSA, u-Enoch Nkwe.
“Ungumdlali osinika ukuzethemba futhi unazo zonke izimfanelo zokuphumelela kule ndima. Asingabazi ukuthi uzobeka iqembu lethu kwelinye izinga.
“Sithanda ukubonga uTemba ngokubamba isikhundla kule minyaka emibili edlule. Wenze umsebenzi oncomekayo ngalesi sikhathi futhi manje usenohambo olusha aluthathayo neqembu lesizwe.”
UBavuma akafakwanga eqenjini elizobhekana neWest Indies, kweyeT20 kodwa uzolihola iqembu ochungechungeni lwemidlalo yosuku olulodwa.
AmaProtea aphinde aqoka amalungu amasha ethimba labaqeqeshi azosebenza ngaphansi kwenhloko yabaqeqeshi, uRob Walter. U-JP Duminy uqashwe ngokuphelele ukuzoqeqesha abashaya ibhola.
Omunye owayegijima kumaProtea, uRory Kleinveldt, uzocija abashwibi kulolu chungechunge neWest Indies kanti uWandile Gwavu uzobhekana nezokunqaka. Abazothatha izikhundla ngokuphelele bazomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.
“U-JP uyimelele kahle iNingizimu Afrika, esengumdlali ngakho ukuba naye engumqeqeshi kubaluleke kakhulu ngenxa yezizathu ezimbili. Ungumqeqeshi osathuthuka futhi unesipiliyoni njengomdlali, sikubheke ngabomvu ukuba naye eqenjini,” kuqhuba uNkwe.
AmaProtea azodlala imidlalo emithathu yosuku olulodwa neWest Indies ezoqala ngesonto elizayo ngoLwesine nemithathu yeT20 ezoqala ngoMashi 25.
Iqembu lamaProtea lemidlalo yosuku olulodwa neWest Indies: Temba Bavuma (ukaputeni), Gerald Coetzee, Quinton de Kock, Tony de Zorzi , Bjorn Fortuin, Reeza Hendricks, Sisanda Magala , Keshav Maharaj, Wiaan Mulder, Lungi Ngidi, Ryan Rickelton, Andile Phehlukwayo,Tristan Stubbs, Lizaad Williams, Rassie van der Dussen.
Iqembu lamaProtea lemidlalo yeT20 neWest Indies: Aiden Markram (ukaputeni), Quinton de Kock, Bjorn Fortuin, Reeza Hendricks, Marco Jansen, Heinrich Klaasen, Sisanda Magala, David Miller, Lungi Ngidi, Anrich Nortje, Wayne Parnell, Kagiso Rabada, Rilee Rossouw, Tabraiz Shamsi, Tristan Stubbs.