UFUNA ukuvala unyaka ngezinga eliphezulu uCacisile Sosibo ozogijima iBoxer Super Run 5km ezoba ngeSonto, eThekwini.
Isibhamu kulo mjaho obuya okwesibili, sizoqhuma ngo-8 ekuseni. Uzosukela eSnell Parade Via Lagoon Drive, uphelele eBlue Lagoon Park, eThekwini.
Kubukeka iTheku noma iKwaZulu-Natal kuhamba phambili ngokusungula lolu hlobo lwemijaho ekhokhela kahle.
Ozoshaya intambo uzoklonyeliswa ngo-R20 000 ngokuhlukana kobulili.
Isihlanganiswe yonke imiklomelo, ingaphezu kuka-R140 000.
Kukhona noweHollywoodbets webanga lika-10km obungesonto eledlule, okhokhela uR37 500 kwabaphume phambili.
USteve Mkasi umengameli weKwaZulu-Natal Athletics, nephini uMandla Mngomezulu, bahlale bekugcizelela ukuthi nabanye abaxhasi basondele ukuze abasubathi bakuleli bangabulawa inkemane.
UCacisile uthe nakuba kuzoba nzima kodwa uzolwa ngakho konke anakho.
“Njengoba lapha kuzobe kunabasubathi bezinga eliphezulu kuzobanzima ukuthi ngenze isikhathi engisifunayo kodwa ngizolwa. Ngisebenzile kulo nyaka. Isifiso sami ukuwuqeda ngenothi eliphezulu,” kusho uCacisile.
Ubonge abaxhasi nabahleli bomjaho ngokufaka imali kwezokusubatha.
"Imijaho yaleli banga yaziwa ngokukhokhela abasubathi amasenti. Kodwa lo ukwengihlale ngiyingenela ngoba bayacabangelana abahleli bawo. Asibabonge abahleli bemijaho, yakwaKwaZulu-Natal, bayazi ukuthi abasubathi banemindeni okumele bayondle ngaso sonke isikhathi," kusho uCacisile.
Nyakenye uphume endaweni yesibili, umjaho kwabesifazane wanqotshwa uGlenrose Xaba.
Le ntokazi isanda kulala isine sekuhlanganiswe yonke imilenze yochungechunge lweSpar Ladies.
Umhlanganiso ugcine udliwe uGlenrose oqeqeshwa uCaster Semenya. UXaba kulindeleke abekhona emjahweni.
Kwabesilisa abagijimi ababhekiwe u-Elroy Galant, noNkosikhona Mhlakwana.