UVULA isifuba ngokubanga ijezi nensephe engukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi kwiCell C Sharks, uPhendulani Buthelezi ongomunye wabadlali okulindelwe baqhubeke nomsebenzi omuhle eqenjini lesizwe.
UButhelezi 23, cishe useqhulwini kubadlali okulindelwe balandele ezinyathelweni zikaKolisi, egameni lokuba ngukaputeni omnyama wamaBhokobhoko.
Lokhu kusuka ekutheni udlala iloose-forward (iflank - okuyizindawo eziqala ku-6 kuya ku-8). Ubuholi bukaButhelezi naye sebuke babonakala ehola amaBaby Boks (isikwati sika-Under 20).
“Ngike ngithi uma sengihlezi nabo emagumbini okushintsha, ngizibuze ukuthi, ‘Hheyi! ngelinye ilanga ngempela ngiyoke ngixoxe ukuthi ngike ngadlala nalaba bantu, asebezuze okukhulu kanje?” Indlela abaziphatha ngokuzithoba ngayo bonke, iyamangaza,”kusho uButhelezi, obexoxa kuKhozi FM.
“Indlela nje uKolisi akhulisa ngayo umndeni wakhe, ingenza ngilangazelele nami ukufika ezingeni elifana nelabo.
“Kuyiphupho lami ukudlalela amaBhokobhoko kodwa uNkulunkulu unohlelo lwakhe ngabo bonke abantu.
“Okwami njengamanje wukuqhubeka nokwenza konke okusemandleni, ohlangothini lwami njengomdlali kuze kube abaqeqeshi bayasibona isikhala sami kwele sizwe.”
UButhelezi ubalwa noKhutha Mchunu noMpilo Gumede edlanzaneni labadlali bombhoxo okhokhelayo abamnyama, abadabuka KwaZulu-Natal.
Lo mdlali waseHluhluwe, uthi umbhoxo kuye utshalwe nguyise ongesakho obewuthanda kakhulu.
“Umdlalo webhola lombhoxo utshalwe kithi (esho yena nabafowabo) ngubaba ongizalayo ngoba ubehlezi ewubuka kwiTV aze aphimise ngomlomo wakhe, ukuthi uyafisa ngelinye ilanga ukubuka ezakhe izingane kwiTV zidlala,” kusho uButhelezi.
“Ubewulandela lo mdlalo, kangangoba wake waze wasithatha sonke nabafowethu sayobuka umdlalo wamaSharks eThekwini. Lapho kwakusadlala abadlali uKeagan Daniel, Tera Mtembu nabanye.
“Lowo mdlalo nalolo hambo, kwaba nomthelela omkhulu kakhulu ekutheni nami ngifike la sengikhona ngoba ngazithola ngithatheka. Eqinisweni nami ngazibona ngigijima enkundleni ngidlala kuleli zinga engangibabuka bedlala kulo. Kwangenza ngazimisela kakhulu ngalo mdlalo.”
ISharks (izolo) idlale ne-Union Bordeaux Begles eKings Park.