Inhlangano yamankomane iSouth African National Amateur Boxing Organisation (Sanabo), inezinhlelo ezinzulu zokuthumela isikwati kuma-Olympic Games aqala ngoJulayi 26, aphele ngo-Agasti 11 eParis, eFrance.
INingizimu Afrika ingene ehlazweni ngesikhathi yehluleka ukubophela isikwati sabashayisibhakela kuma-Olympic abeseRio da Janeiro, eBrazil, ngo-2016, naseTokyo eJapan, ngo-2021.
Emqhudelwaneni wokuqala, iSanabo yavinjwa yiSascoc ukuthi ithumele amabhokisa eBrazil, ngenxa yokuhlunga ngomqhudelwano wase-Afrika, esikhundleni sowezinga lomhlaba.
Kowesibili, ubuholi obabuphethe inhlangano bashawa yisikhathi sokuhambisa amabhokisa emqhudelwaneni womhlaba wokuhlunga.
Ithimba lenhlangano eliholwa nguSiyabulela Mkhwalo, langena ehhovisi ngo-2021 sekonakele.
UMkhwalo ukuqinisekisile ukuthi ngaphansi kobuholi bakhe ngeke lenzeke ihlazo elifanayo.
Emqhudelwaneni womhlaba wamantombazane obuseDakar eSenegal nyakenye, akhale ngaphansi.
Kusele imiqhudelwano emibili yokuhlungela ukuya eParis.
Kukhona ozoqala ngoMashi 29, uphele ngoMashi 12 e-Italy. Owokugcina uzoba ngoMeyi 23, usongwe ngoJuni 3 eBongkok, eThailand.
UMkhwalo obuye asebenze eNyuvesi iWestern Cape (UWC), utshele Isolezwe Ngempelasonto ukuthi ngeke baye kowase-Italy, bazoya kowokugcina eBongkok.
Uthe ngaphambi kokuya khona bazolibhekisa kuma-All Africa Games angoMashi 15-23, e-Accra eGhana, nakoweNelson Mandela Africa Boxing Cup, ngo-Ephreli 15-21, eThekwini.
"Ngeke kusisize ukuya kowokuhlunga ose-Italy singazilungiselanga ngokufanele. Inhloso ngokuya kuma-All Africa Games, nokudlala kwiNelson Mandela Africa Boxing Cup, wukucija iqembu lethu ngendlela efanele. Izosicacisela okuningi indlela azodlala ngayo amabhokisa ethu kule miqhudelwano. Sishaya ngeqembu labayisishiyagalombili, esalikhetha ngo-2021.
“Siliqaphe ngeso lokhozi. Sizoya eThailand, nabafana abane namantombazane amabili," kuchaza uMkhwalo.
UMkhwalo wengeze ngokuthi isikwati basihlelela ikhempu ezoba yinde.
"Izoqala ngesonto lokuqala kuFebruwari. Izomiswa ukuqala kwama-All Africa Games. Uma ephela kuzobuyelwa kuyona. Izophinde imiswe yiMandela Africa. Uma sekudluliwe kulo mqhudelwano, le khempu izoqhubeka kuze kushaye isikhathi sokuya eThailand.“
UMkhwalo uthe bahlela nokuqasha umqeqeshi wezinga lomhlaba, ozolekelelana nabakuleli ukwenza isiqiniseko sokuthi iqembu lezamankomane liyaya kuma-Olympic.
Elakuleli lagcina ngo-2008, eBeijing eChina, ukumelwa esibhakeleni. Kwahamba uJackson " M3" Chauke, kuphela.
Ngo-2004, e-Athens eGreece, lalimelwe nguLudumo Gadala, Bongani Mahlangu, noKhotso Motau.
Ngo-2000, eSydney e-Australia, kwakukhona uPhumzile ‘Sweet Chocolate’ Matyhila, Jeffrey ‘Mongoose’ Mathebula, noDanie Venter. Bonke abalibonanga elidlalayo.