UMDLALI weDurban Super Giants, uKeshav Maharaj, uhlabeke umxhwele ngendlela umqhudelwano wokuqala we-SA20 osuvuselele ngayo isiko lokubuka imidlalo bukhoma ezinkundleni kuleli.
Isibalo sababukeli emidlalweni yekhilikithi yasekhaya besilokhu sishona phansi eminyakeni edlule kodwa kubukeka sengathi isasasa lalo mqhudelwano we-T20 lilethe ushintsho oluhle.
Adayiswe wonke amathikithi omdlalo wokuqala obuphakathi kweMI Cape Town nePaarl Royals ngoLwesibili, abalandeli abangu-20 000 bagcwalisa iNewlands Cricket Ground.
Abathandi bekhilikithi baseThekwini, nabo abaphoxanga njengoba besondele ku-14 000 abatheleke eKingsmead Stadium ngoLwesithathu ukuzothamela umdlalo obuphakathi kweDurban Super Giants neJo’burg Super Kings.
"Sengidlale lapha iminyaka engu-17 kodwa ngingathi bengiqala ukudlala phambi kwezihlwele zalolu hlobo eKingsmead. Bekumnandi ukwesekwa abalandeli basekhaya nomoya wenjabulo obuheleza enkundleni yize bekudlalwa phakathi nesonto," kusho uMaharaj.
"Kufanele anconywe amaqembu ngendlela azimakethe ngayo kanye nabahleli bomqhudelwano ngendlela abalethe ngayo isasasa kwiligi. Ngicabanga ukuthi kusazoba ngcono kakhulu emidlalweni ezayo."
Ayiqalanga kahle ekhaya iSuper Giants njengoba idliwe yiJoburg Super Kings ngama-run angu-16.
Iqembu laseGoli liwine ithosi lakhetha ukubhetha kuqala kodwa liqale kabi njengoba lilahlekelwe amawikhethi amane lisashaye ama-run angu-27 kuphela.
Nokho, likwazile ukuvuka lagcina lithole ama-run angu-190 kuma-over angu-20, selilahlekelwe amawikhethi ayisithupha. UDonovan Ferreira ugqame kakhulu eshaya ama-run angu-82 emabholeni angu-40.
I-Super Giants iqale kahle ukujaha inani lama-run ebelibekiwe njengoba ukaputeni, u-Quinton de Kock, ethole angu-78 emabholeni angu-53, u-Kyle Mayers wathola angu-39 emabholeni angu-29.
Kodwa ngemuva kokuthi bekhishiwe laba badlali, abanye ababhethayo bahlulekile ukuthola ama-run adingakayo ukuze iqembu lasekhaya liwine.
Ekupheleni kwama-over angu-20 iqembu laseThekwini, belinama-run angu-173, selilahlekelwe amawikhethi amahlanu. UMaharaj, othathe iwikhethi eyodwa ngesikhathi eshwiba, kodwa wangalithola ithuba lokushaya ibhola, ukholwa wukuthi bebengawunqoba lo mdlalo.
“Sizibonile izindawo okumele sithuthuke kuzona emidlalweni ezayo kodwa kuningi okuhle okumele sikuthathe endleleni esidlale ngayo.
“Umqhudelwano usanda kuqala futhi bekuwumdlalo wethu wokuqala. Bekungaba kuhle ukuthi siqale ngenothi elihle kodwa kufanele sigxile ekukhuphuleni izinga lethu njengoba imidlalo iqhubeka,“ kusho uMaharaj.
I-Super Giants izotholana neMI Cape Town eNewlands Cricket Ground namuhla ntambama ngo-5:30 ngaphambi kokuthi ibuyele ekhaya izobhekana nePaarl Royals eKingsmead Stadium, ngeSonto ngo-1:30 ntambama.