USOZINYAMA wesifazane waKwaZulu-Natal odlondlobalayo, uLindiwe Mchunu, uthe yize emiphakathini yabamnyama abanye bengakakuqondi kahle ukubamba iqhaza kwabesifazane kulo mdlalo kodwa ukhuthaza abanye abasazimisele ngawo ukuthi bakushaye indiva ukugxekwa.
UMchunu (34) waseMandlanzini, eRichards Bay, ungomunye wosozinyama besifazane abavelele eNingizimu Afrika, nokumanje ulungiselela ukuyodlana imilala nezinye izintokazi ezingeni lomhlaba emqhudelwaneni owaziwa nge-Arnold Classic Europe ozobanjelwa eMadrid, eSpain, ngo-Okthoba 9 kuya ku-13.
Uzibekisele indawo kulo mqhudelwano ngokuphumelela emqhudelwaneni wesifundazwe we-International Fitness and Bodybuilding Federation (IFBB) KZN Provincials, obuse-Liberty Hall, eThekwini, ngoJulayi.
Wadlulela kokazwelonke we-IFBB SA National Fitness Challenge Championships eKloof, eThekwini, ngo-Agasti 1 kuya ku-3.
“Empeleni ngingumuntu obambe iqhaza emidlalweni ehlukene kodwa ngaqala ukuzihlanganisa nalo mdlalo we-body building ngo-2013 ngisafunda e-University of Zululand, lapho engangenza khona iziqu ze-Sports Science. Ngaqala ngokungenela imiqhudelwano ngabona ngenza kahle, angabe ngisabheka emuva, kuze kube namuhla, futhi ngisazimisele ngokuzuza okuningi kuwona,” kusho uMchunu oqale ngo-2020 ukuba ngusozinyama okhokhelwayo.
“Nokho, engikuqaphelayo wukuthi emiphakathini yakithi yabamnyama, abanye abantu abakakuqondi kahle ukudlala lo mdlalo kubantu besifazane. Thina bantu besifazane esidlala lo mdlalo sibizwa ngamagama ahlambalazayo, ehlisana isithunzi. Lokho kwenziwa ikakhulukazi ngabantu besifazane, okuyibona ngabe bayaseseka.
“Nginokubona nje noma ngifake izithombe zami ezinkundleni zokuxhumana, abanye abantu besifazane banokuphawula ngendlela ehlambalazayo, bangithuke. Okumangazayo kodwa ukuthi uma kungowesifazane omhlophe onameke izithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana, bayamncoma bona laba bakithi besifazane abamnyama.
Ngakho-ke iseluleko engifisa ukusinika abanye besifazane bakithi abamnyama abadlala lo mdlalo, ukuthi bangabanaki abantu ababagxekayo. Mabaqhubeke nokuzimisela entweni abayithandayo. Akufanele kubekhona imidlalo okumele kucatshangwe ukuthi ibekelwe abesilisa kuphela.”
UMchunu ophinde abe yi-personal trainer, eCafe Gym eseRichards Bay, akagcini kuphela ngokuba ngusozinyama, ubuye abe ngunompempe ebholeni.
Ushaya impempe emidlalweni yeSafa Hollywoodbets Super League, aphinde adlalise nasemidlalweni yeDiski Challenge.
Njengoba ezoya eSpain, uMchunu uthe izindleko zokuhamba zimba eqolo, ngakho ushaya indesheni kwabangaba nosizo lokumelekelela.
“Laphaya eSpain angisayile ukuyomela iKwaZulu-Natal kuphela kodwa sengiyomela iNingizimu Afrika. Ngiyacela kwaba ngaba nosizo. Ngidinga imali yethikithi lebhanoyi, yindawo yokulala i-VISA, nokudla.”
*Kwabangase babe nosizo, inombolo atholakala kuyo uLindiwe Mchunu ngu-083 491 8812.