IPHINI likakaputeni weqembu lesizwe labesifazane lekhilikithi, u-Chloe Tryon, utusa ozakwabo ngokubuyisa amathemba okudlulela kweyomkhumulajezi eNdebeni yoMhlaba yeT20 ngokunqoba iNew Zealand emdlalweni wesibili wamaqoqo ngoMsombuluko.
AmaProteas awuvule ngebatha lo mqhudelwano ngesikhathi eshaywa yiSri Lanka ngama-run amathathu eNewlands, eKapa, ngoLwesihlanu ebusuku.
Nokho, akwazile ukucosha amaphuzu okuqala eshaya iWhite Ferns ngama-run angu-65 eBoland Park, ePaarl, kowesibili kaGroup 1 ngoMsombuluko ebusuku.
Iqembu lakuleli liwine ithosi lakhetha ukushaya kuqala, lahlanganisa ama-run angu-132 kuma-over angu-20, selilahlekelwe amawikhethi ayisithupha. U-Tryon uthole ama-run angu-40 emabholeni angu-34.
Abashwibi bamaProteas baqedele umsebenzi ngokuyikhipha yonke iNew Zealand kwi-over ka-19, isashaye ama-run angu-67 kuphela.
UNonkululeko Mlaba uthole amawikhethi amathathu, u-Tryon noMarizanne Kapp bathatha amabili ngamunye.
Nabanye abashwibi bafake isandla njengoba u-Shabnim Ismail beno-Ayabonga Khaka bethathe iwikhethi ngamunye, u-Delmari Tucker naye wasiza ekufakeni abashayayo baseNew Zealand ngaphansi kwengcindezi.
UTryon utuse ithimba labashwibi ngokubambisana ukuze bavimbe izitha zingawatholi ama-run amaningi.
“Bekubhalwe emehlweni awo wonke umuntu ukuthi lo mdlalo siyawufuna sagcina siwuthathile,” kusho uTryon, oqokwe njengomdlali ovelele ngesikhathi beguqisa iNew Zealand.
“Nokho, sisenemidlalo emibili ezayo futhi kumele siqinisekise ukuthi lolu gqozi alupheli kithina singabashwibi.”
Ama-Proteas azodlala olandelayo nompetha i-Australia e-St George's Park, eGqeberha, ngoMgqibelo ebusuku ngaphambi kokudlala owokugcina wamaqoqo neBangladesh ngoLwesibili.
Amaqembu amabili azoqhwakela eqoqweni ngalinye kulawa amabili azodlulela kweyandulela owamanqamu.
UTryon uphinde waphosa inselelo kubadlali abashayayo ukuthi bathole ama-run athe xaxa kule midlalo ezayo ukuze bakhuphule amathuba okuyinqoba.
"Sidinga ukuchitha isikhathi enkundleni ukuze sibe nabadlali ababili abashayayo abazokwazi ukuhlanganisa ama-run abonakalayo ngaphambi kokuthi kube khona ophumayo,” kuqhuba uTryon.
“Uma sikwenza lokho sizokwazi ukuqeda i-innings yethu sisanenqwaba yamawikhethi, nokuzokwandisa isibalo sama-run esizowashaya kuma-over okugcina.
“Zincane izinto okumele sizilungise futhi sinawo amasu esihlele ukuwasebenzisa kule midlalo esele,” uphethe kanje.