UMSHWIBI weqembu lesizwe lekhilikithi labesifazane, uNonkululeko Mlaba, unethemba lokuthi ukudlala imidlalo yeNdebe yoMhlaba ye-T20 ekhaya kuzolilekelela iqembu kangcono kulo mqhudelwano.
Imidlalo yeNdebe yoMhlaba yabesifazane ye-T20 izodlalelwa eNewlands Cricket Ground eKapa, eBoland Park ePaarl naseSt George's Park eGqeberha, kusukela ngoLwesihlanu (Febhuwari 10) kuze kube uFebhuwari 26.
UMlaba uthi nakuba bezazi izinkundla okuzodlalelwa kuzo kodwa indlela abazodlala ngayo yiyo ezokwenza bathole imiphumela emihle.
“Asikuthathi kancane ukuthi sizowina ngoba sizobe sidlalela ekhaya, siyazi ukuthi kusamele sizimisele futhi sidlale kahle ukuze sinqobe imidlalo,” kusho uMlaba.
“Ukudlala ekhaya kusho lukhulu ngoba siyazazi izinkundla futhi siyazazi ezinye izimo ezingaba nomthelela emdlalweni. Nokho lokho kuzosisiza uma senza okufanele enkundleni.
“Okunye okuzosilekelela wukudlala phambi kwabalandeli bethu. Basisizile ngesikhathi sidlala ne-India ne-West Indies futhi siyethemba ukuthi bazophuma ngobuningi babo emidlalweni yeNdebe yoMhlaba.
"Ukukhuthazwa ngabalandeli kuyinto enkulu, ikakhulukazi ngezikhathi ezinzima, kungalitakula iqembu."
AmaProteas aseqoqweni elinzima njengoba eqhathwe neSri Lanka, Australia, New Zealand neBangladesh kuGroup 1.
ENdebeni yoMhlaba eyayise-Australia, ngo-2020, iqembu lakuleli lafinyelela kowandulela owamanqamu lapho lakhishwa khona ngosokhaya ngama-run amahlanu.
“Njengamanje, sibheke imidlalo emibili yokungcweka bese kuba wumdlalo wokuqala weNdebe yoMhlaba neSri Lanka. Kubalulekile ukuthi singagcwalisi okuningi emiqondweni yethu," uqhube kanje.
“Siyazi ukuthi kubhekwe ukuthi senze okungcono ngemuva kokufinyelela owandulela owamanqamu eNdebeni yoMhlaba edlule.
"Siyafuna ukwenza ngcono njengeqembu kodwa konke kuqala ngokuwina umdlalo owodwa bese kulandela omunye. Kumele sehlise umoya."
Abadlali abafana no-Lizelle Lee no-Mignon du Preez sebewagaxe emgibeni kanti owayengukapteni, u-Dane van Niekerk, akazange aqokwe ngenxa yokuthi utholakale engekho esimeni eslingele ukudlala. Iqembu lizoholwa nguSune Luus, iphini lakhe kube nguChloe Tryon.
UMlaba uthi kubalulekile ukuthi abadlali abanamava badlulisele ulwazi kulabo abasebancane.
“Sisenabadlali abaningi abadlale emiqhudelwaneni emikhulu eqenjini futhi siyabethemba ukuthi bazoligcina iqembu lindawonye ikakhulukazi uma sibhekene nezingqinamba,” kusho uMlaba.
"Isipiliyoni yinto ongeke ukwazi ukuyithenga kodwa abadlali abasebancane nabo baletha okuthile okusha eqenjini. Kufanele sibumbane ngaphakathi nangaphandle kwenkundla."
Lo mdlali odabuka eNtuzuma, eThekwini, uthi angathanda ukuba yingxenye yeqembu lokuqala laseNingizimu Afrika ukunqoba iNdebe yoMhlaba yekhilikithi.
“Kuyamangaza ukuthi ngizothola elinye ithuba lokudlala eNdebeni yoMhlaba futhi njalo uma ngigqoke ijezi leqembu lesizwe ngiyazi ukuthi angidlaleli mina kuphela,” kuqhuba yena.
“Ngihlale ngifuna ukwenza umndeni wami, abaqeqeshi, ozakwethu nabo bonke abantu bakuleli baziqhenye. Kubalulekile ukukhuthaza izingane zazi ukuthi nazo zingaphumelela.
“Kunzima ukuba senkundleni kodwa uma wazi ukuthi kukhona abantu ababukela kuwena, kukunika amandla nesibindi sokushwiba ibhola elilandelayo.
“Ngiyethemba ukuthi le midlalo yeNdebe yoMhlaba izokhulisa umdlalo wekhilikithi, ikakhulukazi ezindaweni lapho lo mdlalo ungaziwa khona. Liningi ithalente okusamele livumbululwe elizoyisa iqembu phambili."
AmaProteas azobhekana ne-England kowokungcweka eStellenbosch namuhla bese edlala omunye nePakistan ePaarl, ngoLwesithathu.
Azovula iNdebe yoMhlaba neSri Lanka eNewlands Cricket Ground ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku.