UMQEQESHI wamaProteas, uMark Boucher, unethemba lokuthi ukaputeni, uTemba Bavuma, usenesikhathi sokubuyisa ifomu yakhe ngaphambi kweNdebe yoMhlaba yeT20 ezoqala e-Australia ngesonto elizayo.
AmaProteas azodlala umdlalo wokuqala esigabeni seSuper 12 ngo-Okthoba 24 kodwa ngaphambi kwalokho azodlala emibili yokungcweka. Azodudulana neNew Zealand ngoMsombuluko bese ebhekana neBangladesh ngoLwesithathu.
UBavuma akazange adlale kahle ochungechungeni lwakamuva lwe-T20 ne-India lapho ekhishwe khona egingqa iqanda emidlalweni emibili yokuqala ngaphambi kokushaya ama-run amathathu kowokugcina.
Izinto azizange zibe ngcono emidlalweni yosuku olulodwa njengoba eshaye ama-runs ayisishiyagalombili kuphela emdlalweni wokuqala, ngaphambi kokuthi aphuthelwe imidlalo emibili yokugcina ngenxa yokugula.
Lokhu kuholele ekutheni bande abalandeli abahlongoza ukuthi lo kaputeni angalitholi ijezi kwiNdebe yoMhlaba kodwa uBoucher ukholwa wukuthi angenza kangcono e-Australia.
"Ngicabanga ukuthi uTemba angathanda ukubuyisa ifomu yakhe ngaphambi kweNdebe yoMhlaba. Kuyishwa ukuthi uke wagula kancane ngaphambi kwale midlalo emibili yokugcina yosuku olulodwa. Bekuzoba yithuba elihle lokuthi azame ukungena emgqigqweni omuhle," kusho uBoucher.
"Sisenemidlalo emibili yokungcweka esizoyidlala. Ngicabanga ukuthi izimo zase-Australia zizohambisana nesitayela sakhe sokudlala. Sizozama ukumcija emanethini ukuze ajwayele.
"Siyethemba ukuthi sizomnika ithuba noma amabili ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo yeNdebe yoMhlaba ukuze sibone ukuthi ukuphi. Ungukaputeni futhi sizomphatha kanjalo."
AmaProteas azongena kwiNdebe yoMhlaba enyobozela njengoba edliwe yi-India ngo 2-1 ochungechungeni lwe-T20 kanjalo nakolwemidlalo yosuku olulodwa.
"Kusithathe isikhathi ukujwayela izimo zase-India, asifikanga kusenesikhathi esanele kodwa bekunezizathu zalokho. Ngicabanga ukuthi kukhona lapho sikhishwe khona kalula kodwa futhi ne-India ishwibe kahle," kuqhuba uBoucher.
"Sithole izifundo ezinhle futhi saba nezingxoxo ezimnandi ngaphandle mayelana nezinto esingazenza kangcono. Lokho kuzosenza sibe sesimeni esihle e-Australia lapho izimo zihluke khona kakhulu.
"Kuyadumaza ukuhlulwa kodwa sinomqhudelwano omkhulu ozayo futhi yiwona esiwubheke kakhulu."
Khonamanjalo, umshwibi uMarco Jansen ufakwe eqenjini labadlali abangu-15 leNdebe yoMhlaba evala isikhala sika-Dwaine Pretorius olimele.
UJansen ubevele eqokwe njengomunye wabadlali abebezofakwa uma kukhona olimalayo, washeshe walithola ithuba ngemuva kokuthi uPretorius ephuke isithupha e-India.