UBHEKE ukuthi ezakhe zizimisele zibekwa kwiNdebe yoMhlaba yeT20 ukaputeni weqembu lakuleli lekhilikithi, uTemba Bavuma, bezobhekana neZimbabwe emdlalweni wokuqala ngoMsombuluko.
AmaProteas azodlala okokuqala kuGroup 2 emdlalweni ozoqala ngo-10 ekuseni eBlundstone Arena eHobart, e-Australia.
IZimbabwe ingene kulesi sigaba ngokuqhwakela kuGroup B emzuliswaneni wokuqala. Emidlalweni emithathu yamaqoqo igingqe i-Ireland neScotland, yakhala ngaphansi ibhekene neWest Indies.
“Njengomuntu waseNingizimu Afrika kuyangijabulisa ukuthi kukhona izwe lase-Afrika eliphumelele emidlalweni yokuhlunga. Thina njengeqembu sesibe nayo imihlangano futhi sikubheke ngabomvu ukududulana nabo," kusho uBavuma.
"Nakanjani abalona iqembu ongalithatha kalula ngakho-ke sizolungiselela ngendlela efanele njengoba sihlala senza. Siyakulangazelela ukubhekana neqembu elisezingeni leZimbabwe.
"Izifundo ezinkulu esizithole emiqhudelwaneni yeNdebe yoMhlaba eyedlule ukuthi yonke imidlalo ibalulekile. Kumele sizimisele futhi senze isiqiniseko sokuthi sishaya ama-run anele.
"Sinethuba lokwenza lokho emdlalweni wethu wokuqala neZimbabwe. Sizobe sibheke ukulandela izinhlelo zethu. Asifuni ukuwuqala ngegiya eliphansi lo mqhudelwano ngoba asikho ngempela isikhathi sokwenza lokho. Kumele siqale ngamandla."
UBavuma wagcina ukubonakala kumaProteas emdlalweni wokuqala wosuku olulodwa bedlala ne-India ekuqaleni kwale nyanga. Ube esephazanyisa ukugula. Ngaphambi kwalokho bekusobala ukuthi wehlelwe yifomu njengoba ehluleke wancama ukushaya ama-run ngesikhathi bevakashele e-India.
Ubuye kuleyo midlalo nje bese kunesikhathi engadlali ngenxa yokulimala endololwaneni maphakathi nonyaka ngesikhati leli qembu livakashele e-England.
"Ngizizwa ngisesimeni esihle. Ngiphuthwe imidlalo ethile ngenxa yokugula futhi ngize lapha e-Australia ngingakalulami ngokuphelele kodwa sengidlulile kulokho manje," kuqhuba uBavuma.
“Ngisitholile isikhathi sokuzilolonga enethini futhi sengikulungele esizobhekana nako ezinsukwini nasemasontweni ambalwa ezayo.
"Ingcindezi yinto ejwayelekile uma ungumdlali. Sonke siyabhekana nayo futhi iza ngezindlela ezihlukene. Izwakala kakhulu njengoba ngingukaputeni ngoba wonke amehlo asuke ethe njo kuwena, kuyacutshungulisiswa okwenzayo.
"Akuyona into engingayibalekela, kumele ngibhekane nayo ngenkulu inhlonipho nokuzithoba."
Ngemuva kweZimbabwe, amaProteas azodudulana neBangladesh ngoLwesine, aqedele imidlalo yamaqoqo ne-India, Pakistan neNetherlands.
Amaqembu amabili azoqeda phezulu kuleli qoqo azodlulela kweyandulela owamanqamu namaqembu amabili azonqoba kuGroup 1, ohlanganise iNew Zealand, Sri Lanka, England, Afghanistan, Ireland ne-Australia.
Emqhudelwaneni wanyakenye weNdebe yoMhlaba ye-T20 owawuse-United Arab Emirates nase-Oman, amaProteas ahluleka ukufinyelela kowandulela owamanqamu, alala isithathu eqoqweni lawo.