AKALILAHLILE ithemba uMapule "Thunder" Ngubane ngokuba umpetha webhande lomhlaba nakuba eshaywe uDesley Robinson wase-Australia kweyebhande le-IBF Inter-Continental Middleweight.
UMapule eshaywe ngamaphuzu uDesley, waphuthwa yithuba lokutholana phezulu no-Claressa Shields wase-USA oyingqwele ye-IBF World Middleweight.
UClaressa ufaniswa nendlovukazi yalo mdlalo njengoba kuso lesi sindo ubuye aphathe iWBC, WBF neWBO World. Kwi-Heavyweight uphinde abe umpetha wayo iWBC neWBF World. Ushaya nangesicoco seWBO World Light Heavyweight.
Kulindeleke ukuthi uMapule ehle ezilinganisweni ze-IBF World Middleweight.
UDesley obekweyesithathu kubhekwe ukuthi anyukele kweyokuqala.
Nakuba uMapule eshayiwe kodwa ubonge wanconcoza kwimenenja yakhe, uBrad Norman we-13Sports Managament, ngesikhathi ekhuluma naleli phephandaba eseMelbourne, e-Australia.
"Kube yisipiliyoni esimnandi, bengiqala ukuyolwela kwelinye izwe. Ngifunde lukhulu, ukube kuya ngami ngabe siphinda kusasa noDesley. Nakuba ngihluliwe kodwa ngijabule ngendlela engilwe ngayo. Ukuhlehla kwenqama kusho ukuyokhokha amandla," kubeka uMapule ezihlekela.
Uqhube wathi: "Ngicela uDesley azibambe ziqine, angazi sizophinde sihlangane nini kodwa kuzokwenzeka. Ngizoba owesibili kubantu wabesifazane ukulandela usisi Nonto Tenge owaphatha ibhande le-IBF kubantu besifazane bakuleli. Ngicela imenenja yami ingacikeki, siyeza isikhathi sami."
Ngaphambi kwale mpi, uMapule wayegcine ukuba eringini ngoDisemba nyakenye, eshaya uRita Mrwebi kweye-SA Middleweight. Kumabhande omhlaba, ashaywe kuwo ngaweWBF nakwele-Commonwealth Boxing Council Super Welterweight.
Usanqobe eziwu-13, wahlulwa kweziyisishiyagalolunye, walwa ngokulingana kwezintathu.
Isitha sakhe besiyingozi ngokuthi siye kule mpi eseke walwela elinye lamabhande amane ahlonishwa umhlaba wonke.
NgoDisemba wayegcine uLina Daniels waseNew Zealand kubangwa ele-IBF World Lightweight. UDesley usenqobe eziyisishiyagalombili, wahlulwa kwezintathu.