KUYIWA emdlalweni wamanqamu we-2023 Rugby World Cup phakathi kweNingizimu Afrika neNew Zealand eStade de France, eParis, namuhla ngo-9 ebusuku. Kubhekwe ukubhalwa kabusha komlando kodwa kungaphezulu okubangwa yila maqembu.
Umlando osobala ojahwa yila maqembu womabili wukuba yizwe lokuqala ukunqoba iRugby World Cup kane.
I-All Blacks isicoco isithathe ngo-1987, 2011 yasivikela nango-2015.
AmaBhokobhoko awakaze asivikele kodwa asithathe ngo-1995, 2007 nango-2019.
Kumqoka ukubalula ukuthi ngo-1995, esidla okokuqala, ayebhekene nayo i-All Blacks kowamanqamu nokuyinto iNingizimu Afrika yonke esizijove ngayo kubhekwe kulo mdlalo.
Phezu kwalo mlando, okunye okuzobe kubangwa yimiklomelo njengalokhu kwethule iWorld Rugby ngoLwesine ukuthi womabili la mazwe ameleke emiklomelweni emithathu emikhulu ebangwayo.
Leyo miklomelo yiWorld Rugby Coach of the Year umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, nowe-All Blacks, u-Ian Foster, abawubanga no-Andy Farrel (Ireland) noSimon Raiwalui (Fiji).
Ayahlangana futhi la maqembu koweWorld Rugby Men’s 15 Player of the Year ngokunjalo nakoweWorld Rugby Men’s 15 Breakthrough Player of the Year.
Ngu-Eben Etzebeth omele amaBhokobhoko kowePlayer of the Year lapho ebanga khona noBundee Aki (Icentre ye-Ireland) Antoine Dupont (iscrumhalf nokaputeni weFrance) no-Ardie Savea (ilooseforward yeNew Zealand).
U-Etzebeth uklele endaweni yesithathu ngemidLalo engu-118 kubadlali asebeligqoke kaningi ijezi lamaBhokobhoko.
Ulandela uJohn Smit noVictor Matfield abaqukule isicoco ndawonye ngo-2007.
ULibbok yena ubanga oweBreakthrough Player noLouis Bielle-Biarrey (odlala ophondweni kwiFrance), uMark Tele’a (odlala ophondweni kwiNew Zealand) noTamaiti Williams (iprop yeNew Zealand).
INew Zealand izilungiselela ngokuthula phakathi nesonto nokuyisimo esihlukile kumaBhokobhoko abebambe umoya isikhathi esiningi ngezinsolo ebezibhekiswe komunye wabaholi bawo enkundleni, uBongi Mbonambi, nokunguye yedwa kulesi sikwati ungoti wehooker.
Izinsolo zokucwasa umdlali we-England nokho zigcine zichithiwe nokumkhulule ukuthi alungisele umdlalo wanamuhla ngenkululeko.
Kuningi okukhulunyiwe ngalo mdlalo kodwa umthwalo ususemahlombe abadlali.