XOLILE MPISANE
UMSHWIBI uMasabata Klaas ubambe elikhulu iqhaza ngesikhathi iqembu lesizwe lekhilikithi labesifazane lithela phansi iWest Indies ngama-run angu-44 emdlalweni walo wesibili we-Triangular Series obuseBuffalo Park, e-East London, ngoMgqibelo ntambama.
Iqembu lakuleli aliwuqalanga kahle lo mqhudelwano ohlanganise amazwe amathathu ngesikhathi lishaywa yi-India emdlalweni kowokuvula nokho likwazile ukuvuka lizithathe labuyisa ithemba lokudlala kowamanqamu.
AmaProteas anqobe ithosi ukaputeni uSune Luus wanquma ukuthi ashaye kuqala. Akwazile ukuhlanganisa ama-run angu-141 kuma-over angu-20, eselahlekelwe amawikhethi amahlanu.
I-West Indies yehlulekile ukufinyelela kuleli nani njengoba ithole ama-run angu-97 kuphela, isilahlekelwe amawikhethi ayisishiyagalombili.
UKlaas nguyena umshwibi odale umonakalo omkhulu njengoba ekhiphe abantu abane, ekwenza lokhu okokuqala emdlalweni we-T20.
“Ngenxa yokuthi sidlale umdlalo wethu wokuqala kule nkundla besazi ukuthi yini okumele siyilindele kulo mdlalo neWest Indies. Ngemuva kokuthi sidliwe yi-India sahamba sayobheka ukuthi singawalungisa kanjani amaphutha ethu,” kusho uKlaas.
"Sabona emdlaweni wokuqala ukuthi ibhola lihamba kancane kule nkundla ngakho bekumele silungise indlela esishwiba ngayo. Ngiphinde ngazinuka amakhwapha nami ngazitshela ukuthi emdlalweni wesibili ngizokwenza izinto ngendlela elula ngoba ngiyazazi lapho ngiyingozi khona.
"Esikubheke kakhulu manje wukulungiselela iNdebe yoMhlaba. Sithatha umdlalo ngamunye kodwa ukudla iWest Indies kunyuse ukuzethemba kwethu ngemuva kokuhlulwa yi-India."
AmaProteas Women azophinde adudulane neWest Indies enkundleni efanayo ngoLwesithathu ngaphambi kokubhekana ne-India ngoMgqibelo.
Amaqembu amabili azoqhwakela kwi-log azodlala kowamanqamu ngoLwesine oluzayo.
Lona ngunyaka okhethekile kwikhilikithi yabesifazane eNingizimu Afrika njengoba kunemiqhudelwano emibili yeNdebe yoMhlaba edlalelwa kuleli.
Iqembu elikhulu lizodlala eNdebeni yoMhlaba yeT20 ezobanjelwa eKapa, ePaarl naseGqeberha kusukela ngoFebhuwari 10 kuya ku-26.
Iqembu lika-Under 19 njengamanje libambe iqhaza eNdebeni yoMhlaba ye-T20 edlalelwa ePotchefstroom, esifundazweni saseNorth West, naseBenoni, eGauteng.
Esigabeni samaqoqo lihlulwe emdlalweni owodwa libhekene ne-India, lashaya i-United Arab Emirates neScotland ukuze lizibekisele indawo kwiSuper Six.
Liqale kahle lesi sigaba ngokubhuqa iBangladesh ngamawikhethi amahlanu eSenwes Park, e-Potchefstroom, ngoMgqibelo.
AmaProteas amancane asendaweni yesithathu ku-Group 1 ngemuva kwe-Australia ne-India kodwa wonke amaqembu anamaphuzu amane, ehambisana neBangladesh.
Amaqembu amabili azoqeda phezulu kwi-log azodlulela kowandulela owamanqamu.
Iqembu lakuleli lizobe libheke ukunqoba umdlalo walo wokugcina wamaqoqo neSri Lanka kusasa ukuze libe nethuba lokudlulela esigabeni somkhumulajezi.
Umdlalo uzobanjelwa e-Absa Puk Oval, ePotchefstroom, kusukela ngo-1:45 ntambama.