KANCANE kancane uyavela wena kwazisholo unina kaChicken wazihambela. Khona kunjalo umdlalo webhola udinga uxhaso olungasukumi phansi, njengoba kwenzeka kwamanye amazwe.
Emva kokulalela uMagashoa weMoroka Swallows ebalisa ngezindleko ezidalwa umdlalo owodwa, ngacishe ngaquleka. Angifisi ukuba neqembu elidlala esigabeni esikhulu sePSL. Sengathi kudingeka ube namaphakethe amade njengoPatrice Motsepe abanezigidigidi. Okungenani kudingeka igqiza losomabhizinisi abanohlonze baphonse esivivaneni, ibhola lingawushaya umbalane.Indlu emnyama ikholelwa "kontoyami",ezinye izizwe namabhizinisi amakhulu zakhiwe isixaxambiji.
Manje ke uma abaxhasi sebefuna ukuba nefuzela ekuphathweni kweqembu noma singazazi izivumelwano.Kudala kuke kwaba nesicefe sokuguqulwa kwamagama amaqembu kucishe kushabalale umlando. Sake saba noChibuku Orlando Pirates, Iwisa Kaizer Chiefs, Spar Amazulu neBidvest Wits ukukha nje phezulu, abaxhasi babezizwa amandla. Kwamanye amazwe kwakuba imibhalo ejezini eyayikhuluma nezingqwembe ezizungeze inkundla.
Angazi ke noma sijabule sibuye nganeno yini emva koxhaso luka R100m lwenkampani yamagesi. Kancane kancane kukhona okudla amantshontsho emsamo ukuthi ubani uqhoqhoza manje. Udaba lukaVusumuzi Vilakazi luyindida, iqembu lisho lokhu noKanu usho okwakhe mayelana nezinkontileka okuthiwa zimbili, wayikhahlela eyesibili ethi ayifani neyokuqala,into ongayizwa uma uthi uyayilandela.
Muva nje uKanu usekhonjwa oSuthwini nakhona eqenjini leMDC ongeke ulindele ukuthi umqeqeshi osesezingeni lakhe ukuthi avume into enjalo. Ngeke ngithuke uma iCijimpieke walahla isayidi, kuzomenela. Ngeke ngidabuke ngoba akaphethe lutho selokhu efikile ngeke ungitshele ukuthi uSuthu ludlala nhloboni yebhola. Nginesiqiniseko ukuthi ukuba ungukhoshi omnyama ngabe kade axoshwa, pho abelungu baphesheya kuleli abadli lutho olubabayo, ngaphandle kokuqhosha ngeziqu ezingalethi izicoco, udaba lolu engizoke ngibhale ngalo lolu lwamaphepha okuqeqesha.
Iligi yethu sithi ihamba phambili e-Afrika kodwa kunezinto ezingathi ngcambu. ISekhukhune isihlukane nomqeqeshi neqhude lingakakhali ukusibalisela amasuku, ngokuyosula amehlo nje endaweni enostufuza.Uma ubheka ungathi wayakhelwe ugibe ezibhayizela naye esuka eJalimani. Angithi uma umqeqeshi eqashwa angazifikela nethimba lakhe ngoba kancane kancane kuyavela ukuthi laba abasuke bevele bekhona bakushaya emva kwendlebe. Uma ithimba lazi ukuthi uma umkhumbi ucwila bonke uzobaphelela umsebenzi ngeke inhloko yabaqeqeshi bayikhahlelise amatshe. Umbono wami engikholwa ukuthi ngelinye ilanga niyosho ukuthi ngasho. Inqobo nje uma lo mfana okuthiwa uMakhubedu esekhona akekho umqeqeshi oyothokomala,ngoba unakho ukuthi uyalazi ibhola, niyomkhumbula ebhuqa iKaizer Chiefs ngenhlanhla abantu abaningi bakhuza umhlola ukuthi nanti ivukana selinguZiyaqhiyama ihhashi lika Velaphi. ISekhukhune ayimnike izintambo ashe iminwe.
Kancane kancane iMarumo Gallants kuyavela ukuthi isihlukane nomqeqeshi esanda kusayina,ayikaqali njalo iligi enqaba ukusiniswa njengomkhovu ngaphansi kwetshe ilanga libalele. Manje ke iyiphi inkampani engafaka imali yayo ebholeni uma liphethwe kanjena.
Nansi neMamelodi Sundowns engomaqhobozela idedele umqeqeshi ozuze okuningi neqembu, noma ke singazi ukuthi kukhona yini okungalena, ngenhlanhla ayidinge baxhasi,ukuba babekhona bebezohamba. Kancane kancane kuyavela ukuba nomantshu kukaManqoba Mgqithi obheke kuRhulani Mokwena. Angikhululekanga kahle uma ethi sebezodlala ngenye indlela ehlukile .Leli qembu laseMamelodi belidlala ibhola elinenkosi phakathi, pho uma ingafile uyikhandelani?Ake silinde ngoba uMngqithi indoda ongayithemba, kodwa uma eke wawugeja umgodi ,maye abalandeli.
Sesigide kakhulu kulolu lwaseMgungundlovu, ihlazo ukuthi indawo uMgungundlovu isilahlekelwe iMaritzburg United esifudukele eThekwini yaguqula negama yaba iDurban City ngenxa nje yabaholi bepolitiki abazicabangela bona ukuthi sekungaze kuhambe iqembu ebelifaka imali kwabadayisayo, amatekisi nezinye izithuthi, izitolo zokudla nokuba nosuku lokuyophola ngoLwezihlanu ebusuku ikakhulukazi kulabo abangenayo imali etheni. Sesiyolinda ukhetho lohulumeni basekhaya bese sineka izandla.
Kancane kancane ziyavela izibonakaliso zale ngosi.