KUBUYE ithemba ngezindondo kuma-Olympic Games asongwayo kusasa ngeSonto, eParis, ngenkathi iqembu labesilisa le-relay lika-4x400m laseNingizimu Afrika, lifinyelela kowamanqamu kwi-4x400m relay heat.
Nakuba iqembu lakuleli le-relay liphume ekugcineni kodwa lehlelwe yinhlanhla linikwa ithuba lokwedlulela phambili kowamanqamu ngemuva kokuba iqembu laseNigeria, liphule umthetho ngokunyathela ulayini ngenkathi kuqhubeka ukugijima.
Leli qembu laseNingizimu Afrika elibophele oGardeo Isaacs, uZakithi Nene, uLythe Pillay no-Antonie Nortje okhubekile kuqhubeka umjaho, belivele linokuzethemba ngokwedlulela kowamanqamu.
Ukukhubeka kukaNorte ongabange esakwazi ukuvuka azicoshe, kulimaze iqembu lakuleli lagcina liphuma ekugcineni ngesikhathi esingu-3:03.19.
ElaseMzansi le-relay lizogijima kowamanqamu namuhla ngo-9 ebusuku, nokuyilapho okubhekwe ukuthi likhiphe amangwevu okugcina ekubuyeni nendondo.
Kwenzeka lokhu nje, khona izolo ku-800m wabesilisa, u-Edmund Du Plessis ulahle ithuba lokuzibekisela indawo kowamanqamau eyilahla ekugcineni esezihole phambili isikhathi, walala isine edlulwa nguMarco Arop waseCanada odle umhlanganiso ngesikhathi esingu-1:45.5, elandelwa ezithendeni nguGabriel Tual waseFrance, ngesikhathi esingu-1:45.16, isithathu kwaba nguWycliffe Kinyamal waseKenya ngesikhathi esingu-1:45.29
UDu Plessis oshaye isikhathi esingu-1:45.34, ubesethubeni elihle lokwedlulela kowamanqamu kodwa wadembesela ekugcineni, ashabalala amathemba endondo yeNingizimu Afrika ku-800m.
Kube ngesifanayo naku-100m Hurdles kwabesifazane khona izolo, uMarione Fourie elala isithupha kulo mjaho wesithathu owandulela owamanqamu, onqotshwe nguJasmine Camacho-Quinn wasePuerto Rico ngesikhathi esingu-12.35.
Njengoba nabagijimi bakuleli okuyibona abebebhekwe kakhulu kuma-Olympic akulo nyaka, okungu-Akani Simbine ku-100m, noWayde van Niekerk ku-200m, behlulekile ukubuya nezindondo. Amathemba eNingizimu Afrika ezindondo aselele kubagijimi be-marathon, okunguStephen Mokoka kwabesililsa, uGerda Steyn, uCian Oldknow no-Irvette van Zyl kwabesifazane.
Njengamanje iNingizimu Afrika isazuze izindondo ezine kuphela kuyo yonke imidlalo, okungeyodwa yegolide, eyodwa yesiliva, nezimbili zethusi.
Eyegolide isazuzwe nguTatjana Smith kuphela ebangeni lika-100m ekubhukudeni.