ISENGENZEKA imbedumehlwana koweNdebe yoMhlaba yombhoxo eqhubeka eFrance ngokuthi ompetha, Amabhokobhoko, baphume ekuseni kulo mqhudelwano okungaba ngokokuqala emlandweni waleli qembu lesizwe.
Lawa ngamazwi azishaya sasixwayiso ashiwo, nguJaques Neinaber, ongumqeqeshi wamaBhokobhoko esithangamini nabezindaba kulandela ukunqoba kweqembu lakhe ngo 49-18 kwiTonga ngeSonto ebusuku, eMarsielle, eFrance kowokusonga uPool B.
Amabhokobhoko abemelwe ukunqoba aphinde engeze ngephuzu lombhanso okuyinto aphumelele ukuyenza kodwa ukulimala, kukaMakazole Mapimpi nokuyeka amathuba alula okwandisa esibalweni samaphuzu, kumshiye enovalo uNeinaber.
Leli qembu eliholwa nguSiya Kolisi, liqhwakele kuPool B ngamaphuzu angu-15 kodwa seliyiqedile eyalo yamaqoqo.
Lokhu kuzitolika ngokuthi kuzobe kubanjwe umoya ekhempini yamaBhokobhoko kuze kube wuMgqibelo lapho i-Ireland enamaphuzu awu-14, izobhekana neScotland enamaphuzu angu-10.
Kuningi okungenzeka mayelana nekusasa lamaBhokobhoko kulo mqhudelwano ngenxa yomphumela walo mdlalo ozoba seStade de France ngoMgqibelo.
“Iqiniso ukuthi phakathi kwethu, Ireland neScotland kukhona ongeke adlulele kwi-quarter final,” kusho uNeinaber emuva komdlalo.
“Sobathathu futhi sisengaqhubekela phambili ngakho-ke akukho okunye esingakwenza ngaphandle kokulinda kuze kuphele eyamaqoqo.
Indawo okuzoqeda kuyona Amabhokobhoko kuleli qoqo izocaciswa wumphumela walo mdlalo.
Ukuze Amabhokobhoko apakishe imithwalo yawo abuyele ekhaya, iScotland kufanele ishaye i-Ireland ngamaphuzu angaphezulu kwangu-20, iwine ngephuzu lombhanso kodwa ne-Ireland kumele ithi ishayiwe kodwa ibe iweqile okungenani amahlandla amane umugqa.
Ukunqoba kwe-Ireland yikhona okungenza izinto zibe lula kwelakuleli.
UNeinaber uthe akakholwa kodwa ukuthi i-Ireland neScotland bazokwakha uzungu ukuze bakhahlele ngaphandle ompetha bomhlaba abangakaze bangadluleli kuma-quarter final kusukela lo mqhudelwano wasungulwa.
Imibiko yangoMsombuluko icaphune uRassie Erasmus ongumqondisi webhola lombhoxo kuleli, ithi uMapimpi uzohlala amasonto amane kuya kwayisithupha engadlali. Kuvele ukuthi uthinteke kabi enkomini yeso lakhe ngesikhathi eshayiseka ekhanda.