KUGQAME ‘indodana yolahleko’, uRilee Rossouw, ngesikhathi amaProteas edla iBangladesh ngama-run angu-104 emdlalweni wawo wesibili kaGroup 2 kwiNdebe yoMhlaba yeT20 eSydney Cricket Ground namuhla ekuseni.
AmaProteas anqobe okokuqala kulesi sigaba seSuper 12 ngemuva kokuthi umdlalo wokuqala wamaqoqo neZimbabwe uphazanyiswe yimvula ngoMsombuluko, okuholele ekutheni amaqembu athole iphuzu ngalinye.
NgoLwesine iqembu lakuleli liwine ithosi lanquma ukubhetha kuqala, ukaputeni uTemba Bavuma weshaya into ephansi waphuma esashaye ama-run amabili.
Yilapho uRossouw engene khona ukuzojoyina uQuinton de Kock, wakhombisa zibekwa nje ukuthi uzele ukuzoshaya ibhola alikhiphele ngaphandle kwenkundla.
Ugcine enze ama-run angu-109 emabholeni angu-56, kwathi u-De Kock washaya angu-63 emabholeni angu-38. Abanye abadlali bengeze ama-run ambalwa ama-Proteas ahlanganisa ama-run angu-205 kuma-over angu-20, eselahlekelwe amawikhethi amahlanu.
Imvula ike yawumisa umdlalo isikhashana kodwa yasheshe yadlula laphinde laphuma ilanga. Asibanga khona nesidingo sokuthi amaqembu ehliselwe ama-over azodlalwa
IBangladesh ayizange isondele kuma-run angu-206 obekumele iwashaye njengoba ikhishwe yonke isashaye angu-101 kuphela. Umshwibi wakuleli, u-Anrich Nortje, uthole amawikhethi amane, uTabraiz Shamsi wathatha amathathu.
URossouw walaxaza iqembu lesizwe ekuqaleni kuka-2017 ukuze ayodlalela iqembu lase-England, iHampshire. Inkontileka ayisayina yayingamvumeli ukuthi aphinde adlalele namaProteas.
Nokho lezi zinkontileka zachithwa zonke ngesikhathi kuqala umthetho weBrexit, nokwenze wakwazi ukubuyela eqenjini lesizwe ngoJulayi nonyaka.
Akakhulumanga kakhulu ngosekudlulile kodwa uthe uyaziqhenya ngokuphinde amele izwe nangokwenza kahle emqhudelwaneni omkhulu kangaka.
"Uma ulahla ilungelo lokudlalela izwe lakho usuke ungalindele ukuthi uyophinde ulithole futhi. Kumele kube yigugu ukudlalela izwe lakho. Luselude uhambo kodwa ngethemba ukuthi kuzoqhubeka kuhambe kahle," kusho Rossouw.
"Ukubuyela eqenjini lesizwe bekungelula kodwa kube yisimangaliso ukuthi kugcine kwenzekile. Kwesinye isikhathi izinto zikuhambela kahle, yilokho engingakusho ngalo nyaka."
UBavuma akabuzwanga ngefomu yakhe esiqede ithemba kubalandeli abaningi bekhilikithi bakuleli. Uncome iqembu ngokuzimisela emdlalweni obekufanele liwunqobe ukuze ligcine amathuba okudlulela esigabeni somkhumulajezi.
"Sidlale kahle kakhulu. Besinovalo kancane ngesikhathi imvula iqala kodwa ngenhlanhla idlulile sakwazi ukudlala ama-over agcwele," kusho uBavuma.
"Iqoqo esinalo labadlali ababhethayo lingcono uma uqhathanisa neNdebe yoMhlaba edlule. Kunabafana abafikile basinika umfutho wokuqeda i-innings sisadlala kahle.
"Badlale kahle nabashwibi bethu, wonke umuntu wenze obekufanele akwenze. Kuhlezi kujabulisa nokubona ama-spinner ethu (uShamsi no-Keshav Maharaj) esenkundleni. Akukho engingakugxeka mayelana nokushwiba."
AmaProteas azobuyela enkundleni ngeSonto ngo-1 ntambama ukuzobhekana ne-India e-Optus Stadium ePerth.