Inhlangano eyengamele ibhola lombhoxo kuleli, iSA Rugby, iwachithile amahlebezi okuthi inesandla ezingxoxweni zokuthi ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, anqamule inkontileka yakhe neqembu laseFrance iRacing 92.
UKolisi (33) ujoyine iRacing 92 ngonyaka odlule, wasayina inkontileka obekumele iphele ngo-2026 njengoba sekubikwa ukuthi usefuna ukubuyela kuleli.
Iqembu ayelidlalela ngaphambi kokuthi alibangise eParis, iHollywoodbets Sharks, yilona okubikwa ukuthi uzobuyela kulona. Ngaphambi kokujoyina iSharks ngo-2021 wayesehlale iminyaka eqenjini laseKapa, iDHL Stormers.
Ngempelasonto i-website iRugbypass.com ibike ukuthi iSA Rugby izokhokha imali eshisiwe ukuze kunqanyulwe inkontileka kaKolisi, nokuyinto le nhlangano eyiphikile esitatimendeni esikhiphile.
“Abezindaba bayelulekwa ukuthi imibiko yokuthi iSA Rugby iyathinteka ekukhokheleni ukunqanyulwa kwenkontileka kaSiya Kolisi ayinasisekelo. I-SA Rugby ifisa ukukubeka kucace ukuthi ayibandakanyeki nganoma iyiphi indlela ezingxoxweni eziphathelene nalokho, uma kuwukuthi zikhona,” sifundeka kanje isitatimende seSA Rugby.
“Ukuze kucace, uma abadlali besizwe bebuyela eNingizimu Afrika kuyenzeka bafakwe esigabeni esikhethekile ngokubona kweSA Rugby. Uma kwenzeka lokho iSA Rugby iyakwazi ukulekelela amaqembu abo ngokukhokha ingxenye ethile yemiholo.”
Umqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus, uke waveza phambilini ukuthi uncamela ukuthi ukaputeni weqembu lesizwe azinze kuleli.
Ngesizini edlule uKolisi udlalele iRacing 92 imidlalo engu-13 kwiligi i-Top 14 nemihlanu kwi-European Champions Cup.
NgoJuni umnikazi weRacing 92, uJacky Lorenzetti, wagxeka uKolisi ngokukhuluphala nokungadlali ezingeni lakhe eliphezulu kodwa kwaphinde kwabikwa ukuthi bakhumelene umlotha.