LITHEMBISA ukudlala uhlobo lwekhilikithi oluzojabulisa abalandeli iqembu laseThekwini, iDurban Super Giants, elizoqala umqhudelwano weSA20 namuhla ntambama.
Leli qembu lizovula nelaseGoli, iJoburg Super Kings, eKingsmead Stadium eThekwini, ngo-5.30 ntambama.
Lo mqhudelwano uhlanganisa amaqembu ayisithupha azinze ezindaweni ezihlukene eNingizimu Afrika, aphethwe yizinkampani zase-India.
Ngaphandle kweSuper Giants neSuper Kings, amanye amaqembu azobanga le ndebe yiMI Cape Town, Paarl Royals, Pretoria Capitals ne-Eastern Cape Sunrisers.
“Kuhlale kuyintokozo ukudlalela iqembu elisha, ukuthola abangani abasha nokuhlangana nabangani okade wabagcina. Kuyajabulisa ukuthi sonke asazi ukuthi lo mqhudelwano usiphatheleni,” kuchaza ukaputeni weSuper Giants, uQuinton de Kock.
“Sizozama ukulawula lokho esingakulawula ngoba yilokho kuphela esingakwenza, futhi sifuna ukuzijabulisa ngesikhathi senza lokho. Angicabangi ukuthi iqembu lethu lingcono ngasekushwibeni noma ngasekushayeni ibhola, sinabo abadlali kuzo zonke izingxenye.
"Sinabashwibi be-spin bazoba mqoka njengoba sizodlala imidlalo yethu eminingi eThekwini. Sinabadlali ababhethayo njengami, uKyle Mayers, nabanye abakwaziyo ukuthola ama-run. Sinabashwiba ngesivinini njengoReece Topley, Junior Dala nabanye.
"Sinabo nabafana abasha, nakho okujabulisayo, ngakho ngikholwa wukuthi isikwati sesilulungele lolu hlobo lomqhudelwano futhi ngiyethemba ukuthi abalandeli bazobhema bakholwe.”
UDe Kock, owakhetha ukusishiya isikhundla sokuba ngukaputeni weqembu lesizwe lakuleli ngenxa yengcindezi, uthe akalindele ukuthi kwenzeke okufanayo kwiSuper Giants.
Ulindele ozakwabo abanamava njengoKeshav Maharaj nabanye ukuthi bamlekelele ahole iqembu.
"Ngicabanga ukuthi ukudlala ngokukhululeka yiyona nto ezosenza sihluke kwamanye amaqembu. Kusobala ukuthi sizozama ukwenza iKingsmead ibe yinqaba yethu. Sifuna ukunqoba imidlalo eminingi ekhaya,” kusho uMaharaj.
“Sifuna ukudlala ikhilikithi esezingeni eliphezulu futhi sifuna ukudlala ngendlela ejabulisayo.”
Khonamanjalo, abahleli balo mqhudelwano badalule ukuthi abalandeli abazothamela imidlalo ezinkundleni, bazozibeka ethubeni lokuhlomula imali engafika kuR1 million.
Lo mncintiswano obizwa ngeBetway Catch a Million uzoqhutshwa kuyo yonke imidlalo engu-33 ye-SA20.
Umlandeli ozokwazi ukunqaka ibhola ngesandla esisodwa, lingakathinti lutho, uzofakwa ohlwini lwalabo abazohlukaniselana u-R1 million ekupheleni komqhudelwano.
Iqembu leDurban Super Giants:
Abakuleli - Quinton de Kock (ukaputeni), Heinrich Klaasen, Matthew Breetzke, Christiaan Jonker, Wiaan Mulder, Dwaine Pretorius, Prenelan Subrayen, Junior Dala, Kyle Abbott, Simon Harmer, Keshav Maharaj.
Abangaphandle - Johnson Charles (West Indies), Akila Dananjaya (Sri Lanka), Jason Holder (West Indies), Kyle Mayers (West Indies), Keemo Paul (West Indies), Reece Topley (England), Dilshan Madushanka (Sri Lanka).
Abaqeqeshi - Lance Klusener (inhloko), Morne Morkel, Jonty Rhodes.