UMDLALI weDurban Super Giants, uHeinrich Klaasen, uthi ukushaya iPaarl Royal eKingsmead Stadium kukhuphule ukuzethemba ngaphambi kokuphinde babhekane naleli qembu ngoLwesibili ntambama.
Umdlalo uzoqala ngo-1.30 eBoland Park ePaarl.
I-Super Giants izobe ibheke ukuyiphuca wonke amaphuzu iRoyals ngemuva kokuyishaya ngama-run angu-27 eThekwini ngeSonto ntambama.
UKlaasen uthole ama-rus angu-50 emabholeni angu-19, wasiza iqembu laseThekwini ukuthi lifinyelele kwangu-216 kuma-over abo angu-20, selilahlekelwe amawikhethi amane.
I-Royals ayikwazanga ukufinyelela kuleso sibalo njengoba iphelelwe amabhola isakwaze ukushaya ama-run angu-189, isilahlekelwe amawikhethi ayisishiyagalombili.
"Ngicabanga ukuthi izimo zasePaarl zizofana kodwa inkundla ingase ibe nkulu kancane. Siyajabula ngoba siwunqobile umdlalo wasekhaya ngoba lokho kwehlisa ingcindezi yokuthi sinqobe enkundleni yabo," kusho uKlaasen.
“Uma ukwazi ukunqoba imidlalo yakho eminingi yasekhaya bese unqoba owodwa noma emibili ekuhambeni uzibeka ethubeni elihle lokungena kowandulela owamanqamu.
"Ngiyethemba ukuthi singaphinde sibashaye, lokho kungaba kuhle. Ukuwina ngeSonto kukhuphule ukuzethemba kweqembu kakhulu, ikakhulukazi ngemuva kokudlala kahle eKapa ngoLwesihlanu."
UKlaasen uthe iqembu abazolisebenzisa lizoncika esimeni senkundla kanjalo nohlobo lwabadlali abazobhekana nabo.
“Ngicabanga ukuthi indlela isikwati sethu esiqine ngayo nesibalo sabadlali abakwazi ukushwiba nokushaya ibhola, kwenza kube nzima ukuqagula ukuthi yibaphi abadlali abazoqokwa,” usho kanje.
"Kuzoncika ezimweni esizobhekana nazo nethimba labashwibni esicabgana ukuthi lingasenzela umsebenzi ongcono. Sinenqwaba yabadlali abakwazi ukushaya ibhola, kusukela phezulu kuze kucishe kufike emsileni. "
Ngemuva kokudlala neRoyals, iSuper Giants izobuyela eThekwini izokwamukela iPretoria Capitals eKingsmead Stadium ngoLwesihlanu ngo-5.30 ntambama.