IPHINI lomqeqeshi weqembu lesizwe lakuleli le-netball, uDumisane Chauke, liveze ukuthi kubadwebele isithombe esingcono ngokufanele bakwenze uma sebebhekene neNew Zealand ukuvuka ngeTrinidad and Tobago emdlalweni wokuqala kaGroup G weNdebe yoMhlaba.
Elakuleli linqobe iTrinidad and Tobago ngo 69-28 eCape Town International Convention Centre, eKapa, ngoMsombuluko ebusuku.
AmaProteas abeqhuzukile emdlalweni wawo wokugcina esigabeni sokuqala samaqoqo kuGroup C ngesikhathi eguqiswa yiJamaica. Ngaphambi kwalowo mdlalo abeshaye iWales neSri Lanka.
Ekupheleni kwemidlalo kaGroup C bekuqhwakele iJamaica ngamaphuzu ayisithupha, ilandelwa yiNingizimu Afrika ngamaphuzu amane, iWales ngamabili kanti iSri Lanka iqede emsileni ngeqanda.
Lokhu kuholele ekutheni iJamaica, iNingizimu Afrika neWales badlulele esigabeni sesibili samaqoqo, lapho behlanganiswe khona namaqembu amathathu aqhamuke kuGroup D, okuyiNew Zealand, Uganda neTrinidad and Tobago.
Nokho bonke kudingeke ukuthi bawalahle amaphuzu abawathole bedlala neqembu eliphumile, iSri Lanka, nokushiye iqembu lakuleli namaphuzu amabili. Lengeze amanye amabili ngokushaya iTrinidad and Tobago.
Lisemuva ngamaphuzu amabili kwiNew Zealand, enyukele kwayisithupha ngokushaya iWales ngo 83-34 neJamaica, nayo enayisithupha ngemuva kokuhlula i-Uganda ngo 61-49.
AmaProteas azobhekana neNew Zealand namuhla ngo-6 ntambama azi ukuthi adinga ukuyishaya ukuze nawo ahlanganise amaphuzu ayisithupha.
Iqembu lakuleli lenze ushintsho ohlwini lwabadlali abangu-12 abadlala kulo mqhudelwano, kufakwa u-Owethu Ngubane endaweni kaLenize Potgieter, olimale edolweni.
Kwenzeke okufanayo naseqenjini leSilver Ferns njengoba umgadli walo uGrace Nweke elimele edolweni, indawo yakhe yathathwa nguTiana Metuarau.
“Awuhleleli umdlali oyedwa uma ulungiselela ukubhekana neqembu elifana neNew Zealand, i-netball wumdlalo odlalwa ngamaqembu,” kusho uChauke.
“Kuyishwa ukuthi nabo balahlekelwe nguGrace kodwa ngicabanga ukuthi abagadli balimala edolweni ngenxa yendlela abagxuma ngayo uma benqaka ibhola. Simfisela ukuthi asheshe alulame noGrace. Nathi silahlekelwe ngoLenize kodwa siyabathemba bonke abadlali esinabo.
“Sizobukela ama-video sihlaziye izindlela ezahlukene iNew Zealand edlala ngazo. Sidlalile nayo ngoJanuwari kwiQuad Series, sayibona ishintsha indlela evala ngayo emuva.
“Bayizimbangi eziqinile kodwa kungenzeka noma yini. Abadlali bethu bayazi ukuthi bangaqhudelana namaqembu ahamba phambili emhlabeni, sekukaningi bekukhombisa lokho, yingakho ngithi kungenzeka noma yini.Siyazethemba futhi sizowulungiselela kahle umdlalo."
IJamaica izobheka ukunyukela esicongweni uma isidlala neTrinidad and Tobago ngo-4 namuhla ntambama kanti omunye umdlalo kuleli qoqo uzoba phakathi kweWales ne-Uganda ngo-11 ekuseni.
Amaqembu amabili azoqeda phezulu kuleli qoqo azodlulela esigabeni esandulela owamanqamu. ENdebeni yoMhlaba yango-2019 amaProteas aqeda endaweni yesine.