UZIBOPHEZELE ekutheni bazonikwa ithuba elanele lokuzinza emaqenjini baphinde benze izinguquko ezidingekayo abaqeqeshi abasha bamaqembu akuleli esizwe abesilisa ekhilikithi, umqondisi wekhilikithi yakuleli, u-Enoch Nkwe.
NgoMsombuluko inhlangano eyengamele ezekhilikithi, iCricket South Africa (CSA), iqinisekise ukuthi uShukri Conrad usezocija iqembu lakuleli lemidlalo ye-Test, bese uRob Walter eqeqesha elemidlalo yosuku olulodwa neye-T20.
UConrad wayeqeqesha iCape Cobras phakathi kuka-2006 no-2010, wasuka lapho wayohola iqembu lesizwe lase-Uganda okwesikhashana.
Wabe eseqokwa njengenhloko ye-CSA National Academy ngaphambi kokuba acije iqembu lakuleli lika-Under 19 ngo-2020.
UWalter uqeqeshe iTitans kuleli kusukela ngo-2013 kuya ku-2016, wadlulela eNew Zealand lapho ecije khona i-Otago kusukela ngo-2016 ne-Central Districts, kusukela ngo-2021.
Bazoqala ngokusemthethweni ngoFebhuwari 1, okusho ukuthi kuzokwenziwa izinhlelo zesikhashana njengoba amaProteas esazobhekana ne-England ingakapheli inyanga ephezulu.
Bobabili laba baqeqeshi basayine izinkontileka zeminyaka emine ngenhloso yokuthi uConrad akwazi ukufaka elakuleli kowamanqamu we-World Test Championship ngo-2027, uWalters alwele iNdebe yoMhlaba ezoba kuleli, eZimbabwe naseNamibia ngonyaka ofanayo.
"Yisikhathi esimqoka kwikhilikithi yakuleli futhi nakanjani kumele sizifeze izinhloso zethu. Yonke imali, wonke amandla, nakho konke esikwenzayo kuzobe kuqondiswe ekutheni siphumelele ngo-2027," kusho uNkwe ngemuva kokudalulwa kwamagama abaqeqeshi abasha.
"Sinamathuba okwenza kahle emiqhudelwaneni ezodlalwa eminyakeni ezayo njengeNdebe yoMhlaba ye-T20, i-Champions Trophy kanye ne-Test Championship kodwa into esigxile kuyo kakhulu yiNdebe yoMhlaba ka-2027."
AmaProteas asamelwe umsebenzi wokuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ezoba se-India ngasekupheleni konyaka kodwa uNkwe, uthe ngeke bamfakele ingcindezi uWalter ngalo mqhudelwano.
"Ngeke sibahlulele ngeNdebe yoMhlaba ka-2023. Siyakuqonda okwenzekile okuphazamise uhambo lwethu oluya kulowo mqhudelwano. Siyafuna ukungena kuwona siphinde sidlale kahle kodwa ngeke bahlulelwe ngawo,” kuqhuba uNkwe.
Uthe izinyanga ezingu-12 ezizayo zizoba bucayi eqenjini le-Test njengoba kumele kwandiswe isibalo sabadlali okuzobunjwa ngabo iqembu eliqinile elizokwazi ukwenza ezibukwayo kwiWorld Test Championship ngo-2025 nango-2027.
“Okwamanje sisabheke ukubalwa namaqembu amathathu ahamba phambili emhlabeni kodwa inhloso yethu ukuthi sigcine siyiqembu elihamba phambili, noma kungathatha iminyaka emithathu noma emine ukuthi sifike lapho” uNkwe uchaze kanje.
Ubuye waphumela obala ngokuthi kuzodingeka abadlali abazovala izikhala zokaputeni bala maqembu womabili, uDean Elgar noTemba Bavuma, eminyakeni ezayo.
“Ngisazozwa imibono yabalandeli mayelana nobuholi bamaqembu. Kumele sibanikeze ithuba lokuhlala phansi nalabo kaputeni ababili badingide ukuthi kuzoyiwa kanjani phambili,” kusho uNkwe.
"Uma okaputeni bebona sengathi kukhona abangakwenza eminyakeni emibili ezayo futhi balekelele laba abazolandela, singakwenza lokho. Sizoba nezingxoxo ukuze sibe nezinhlelo eziqondile, asifuni ukuthi sigcine senza izinguquko ezingahlelekile.”
UNkwe ukuqinisekisile ukuthi umqeqeshi wabashwibi, u-Charl Langeveldt, uzosishiya isikhundla sakhe kodwa akukacaci ukuthi oqeqesha ababhethayo, uJustin Samsons, nopheka abanqakayo, uJustin Ontong, basazoqhubeka yini.