KUGIYE abashayisibhakela bendawo ezimpini zesibhakela Ondini ngempelasonto edlule.
Emuva kweminyaka le ndawo izama ukukhiqiza ompetha besibhakeka esigabeni esikhokhelayo, likhulile ithemba ngesikhathi uMfanuvele Ntuli noMxolisi Sibiya, bewina amabhande esifundazwe iKwaZulu-Natal, ezisindweni ezahlukene eMultipurpose Hall, ngeSonto, ezimpini ebezihlelwe yiLudonga Boxing Promotions.
UNtuli ugoduke neleKZN Junior Flyweight emuva kokuqeda ngoSibonelo Maseko waseDumbe, emizuliswaneni wesithathu. USibiya uwine ngamaphuzu kuMpilo Cele waseMlaza, wagaxwa eleKZN Bantamweight. Kwababhule amazolo basoLundi, uNkosinathi Sibiya wehlule uXolani Majola ngomcacamezelo womlalisa-phansi ngomzuliswano wesibili. UCelimpilo Ngema wenze okufanayo eqeda ngo-Izley Hargreaves ngomzuliswano wesithathu.
Okuhlale obala wukuthakaselwa kwabashayisibhakela bendawo wumphakathi osale usafuna impinda. Bekuyinhlokomo, behuba beqhuma phezulu ehholo. Nakuba kuseyizicoco zazeKZN ezisaphethwe Olundi kodwa likhona ithemba lokuthi kuzophuma umpetha womhlaba kule ndawo.
"Ngijabule kakhulu ngokuwina ibhande laseKZN. Ngiyathemba ukuthi maningi ezayo. Ngiyabonga kubantu bangakithi abaphume ngobuningi bezoseseka," kusho uNtuli.
UNtuli ozinze eGauteng, akakufihlanga ukuthi ufuna ukuwina ibhande lomhlaba eminyakeni ezayo.
UZwilenkosi Magudulela obehlele izimpi ngokubambisana noMnyango wezeMidlalo waseKZN noMasipala wasoNdini, ujabule ngezinga lezimpi.
"Ngibonga uMnyango wezeMidlalo ngesandla oselulile nomndeni wami ngokungeseka. Ngibonga noMasipala wasoLundi ngakho konke ongisize ngakho nophromotha abafikile. Kube kuhle kakhulu. Okuhle wukuthi bawinile bonke abafana basoLundi, okuyindawo esizama ukuyenyusa esibhakeleni.
“Okungiphathe kabi wukuthi uMasipala wasoLundi awuzigcinanga zonke izethembiso. Kodwa ngiyathemba ukuthi bazokwenza kangcono ngokuzayo ngoba sebekubonile esizama ukukwenza kule ndawo. Ngibonga iBSA (Boxing South Africa) ngokungeseka nophromotha abafikile ukuzosilekelela ukuze liphakame igama likababa," kusho uMagudulela.
UZwilenkosi uyindodana kaThulani Magudulela ongasekho ongumsunguli weLudonga Boxing Promotions.
Kwezinye izimpi, uSabelo "Mkhonto" Cebekhulu uwine ibhande le-WBF International Bantamweight ehlula ngomcacamezelo womlalisa-phansi ngomzuliswano wesibili, uMawande Mantroos wase-Eastern Cape. Impi yosuku ebikade iphakathi kuka-Ayanda Mthembu waseMandeni noSnamiso Ntuli waseMnambithi, ayiphelanga ngenxa yokucima kukagesi. UMthembu ubevikela ibhande le-WBF All Africa Middleweight.