INTSHA yaseHluhluwe naKwaHlabisa, ifuna umdlalo wokungcweka ngenduku ufinyelele ezingeni lemiqhudelwano yemidlalo yamazwe ngamazwe, ebizwa ngama-Olympic Games, ngenxa yesasasa elisekhona ngayo ezindaweni zasemakhaya.
Lokhu kugqame ngesikhathi kunemidlalo yendabuko, ebizwa ngama- Indigenous Games, ebihlelwe wuMasipala iBig Five Hlabisa, ebisezinkundleni zemidlalo zaseCwakeme, ngempelasonto.
Omunye webebebambe iqhaza kule midlalo, uZenzele Mdletshe, uthe bayafisa ukuzibona beshaya induku ezingeni lomhlaba kuma-Olympic Games.
"Kuma-Olympic Games uye ubone ukuthi imidlalo yakhona, okuqhudelwana ngayo, ingeyezizwe ezithile futhi iyindabuko yazo. Ngakho nathi siyafisa ukunikezwa ithuba sivezele umhlaba okungokwethu," kusho uMdletshe.
IMeya yaseBig Five Hlabisa, uMnuz Comfort Khumalo, ithe imidlalo yabo inesasasa kodwa bayafisa izinhlaka ezifana ne-Sascoc zisondele ukuze le midlalo iye phambili.
"Siyafisa izinhlaka eziyimifelandawonye yezemidlalo zisondele ukuze le midlalo ibe nenqubekela phambili. Okwamanje zihambela kude. Yingakho ithemba lethu silibeke eMnyangweni weZemidlalo, okuyiwo osaxhasa le midlalo yesintu. Le midlalo ibalulekile ngoba ihlanganisa abadala nabancane ngokwamakhono," kusho uKhumalo .
Emidlalweni obekuqhudelwana ngayo kubalwa Induku, Kho-Kho, Ncuva, Jukskei, Amagenda noMlabalaba.
Abadle umhlanganiso eminxeni ehlukahlukene bazodlulela ezingeni lesifunda lapho bezodlana khona imilala nabanye ompetha abazobe bemele omasipala abangaphansi koMkhandlu waseMkhanyakude.