BAZIFAKE emlandweni abagijimi abashadile ngenkathi benqoba izindondo zegolide kwiComrades Marathon, ekubeni bebeqala ukuyingenela.
UNobukhosi Tshuma ulale endaweni yesihlanu ngesikhathi esiwu-06:12.18 kulo mjaho oyibanga elingu-85.9km obungeSonto, usuka eThekwini kukhushukwa kubhekwe eMgungundlovu.
UMyeni wakhe uGivemore Madzinganyama, uphume kweyeshumi kwabesilisa ngesiwu-5:37.09.
Bobabili bagijimela i-Ensika AC futhi badabuka eZimbabwe. Baqeqeshwa ngowayenguqweqwe lo mgijimi uHandrick Ramaala, awaduma ngenkathi enqoba iNew York Marathon ngo-2004 , wamela elakuleli kuma-Olympic Games amahlandla amathathu kwi-marathon.
Nakuba izolo emcimbini wokuklomelisa abenze kahle kwiComrades, amehlo abethe njo kuGerda Steyn, noPiet Wiersma abangompetha, nalaba abaganene bebe yindaba egudwini.
Wonke umuntu ubebabaza isibindi nobuqhawe babo. Bebephelezelwe nguWillie Mtolo, ongomunye owayeyisethenjwa kwiComrades. UMtolo unguphansi kwi-Ensika AC, wanqoba iNew York Marathon ngo-1992.
UNobukhosi uphinde waqopha umlando ngokuba ngumsubathi wokuqala wesifazane ekilabhini yakhe ukuthola indondo yegolide kwiComrades.
Nyakenye ulale isine kwiTwo Oceans Marathon wanqoba neN12 Ultra Marathon, ezinyangeni ezedlule ulale isibili kwiCity2City Marathon ngesiwu-3:30.37.
Umkhwenyana wakhe ulale isithathu kwiTotalsport Two Oceans 56km Marathon ngesiwu-3:11.14 yalo nyaka. Nyakenye yayinqotshwe nguye. Bobabili uNobukhosi noMudzinganyama batshele Isolezwe ukuthi okwenzekile kube wumusa kaNkulunkulu.
"Kithina bagijimi besifazane abamnyama ukulala kwi-Top 5 nokwenza lesi sikhathi yinto enzima kakhulu. Umphathi wethu kwi-Ensika, uMkhize (Zakhele), umqeqeshi nozakwethu bajabule ngale mpumelelo yethu.
“Umjaho ubushesha kakhulu. Bewuthi uma wehlisa izinga uzwe ngomuntu esephefumulela kuwena. Bekuphoqa ukuthi uhlale usesivininini. Ngibe namalungiselelo amahle eComrades, bengazi ukuthi ngizoyithola i-Top 10. Ngiyambongela nobaba wakwami," kubeka Nobukhosi, othe banomuzi eTembisa eGauteng.
UMadzinganyama ubeke kanje: "Bengingakulindele okwenzeke kumina. Ukuqeda kwi-Top 10 kube yibhonasi. Bengilwela ukuqeda umjaho. Ngifunde lukhulu kwiComrades, sengiyazi ukuthi elandelayo ngizoyilungiselela kanjani.”
Naye uMadzinganyama ukhale ngokushesha komjaho.
"Ngisebenze kakhulu sekusele u-3 km. Phambi kwami bekunomgijimi obesendaweni yeshumi. Ubelokhu engishiya ngo-300m. Ngibona ukuthi kuyonakala, kwikhilomitha lokugcina ngivele ngahlaba ngejubane ngamdlula. Kube umzamo omuhle owenziwe umzimba obusuyimvithi ukukhathala.“
UNobukhosi uthe nguyena ohlohle umyeni wakhe ukuthi bangenele iComrades.
"Sasihlele ukuthi ubaba aye kwiTwo Oceans, mina ngiye kwiComrades. Uthe uma enza kahle kwiTwo Oceans ngambuza ukuthi njengoba enze kahle ku-56km usengahlulwa ukungweza ngo-30 km weComrades. Ngimhlule kanjalo," kubeka uNobukhosi ehleka.
Babusiswe ngezingane ezintathu. Abafana ababili, uNhlanhla noRyan nentombazane uTapiwa.