Kulindeleke ukuthi amehlo athi njo kumsubathi wakuleli, uWayde van Niekerk, ozoqala ukugijima emjahweni ka-200m kusihlwa kuma-Olympic aseParis, eFrance.
UVan Niekerk (32) uzogijima lo mjaho womzuliswano wokuqala kwi-Heat yokuqala ngo-7.55pm.
Bazobe bekhona nabanye abasubathi bakuleli, uBenjamin Richardson noShaun Maswangayi, abazobe bebheke ukuzibekisela izindawo kweyandulela owamanqamu.
Nokho, kuzobe kubhekwe ukuthi uVan Niekerk uzokwazi yini ukuphinde abalwe nabasubathi abahamba phambili emhlabeni.
Nakuba ake aligijima leli banga phambilini, kodwa uzobe eqala ukungenela lo mjaho kuleli zinga, kwazise ubejwayele ukugijima u-400m.
Wazakhela udumo ngokuqopha irekhodi lomhlaba ku-400m, elingu-43.03, ngesikhathi enqoba igolide kuma-Olympic ayeseRio ngo-2016. Leli rekhodi lisamile namanje.
Ngaphandle kwalokho, wazibonakalisa nasemabangeni amafishane ngoJuni ka-2017, eqeda umjaho ka-100m ngo-9.94, oka-200m ngo-19.84, noka-300m ngo-30.81.
Izinto zajika kulowo nyaka ngo-Okthoba ngesikhathi elimala edolweni edlala umbhoxo nabanye osaziwayo.
Kuma-Olympic adlule ayebanjelwe eTokyo ngo-2021, wahluleka ukungena kowamanqamu ku-400m kulandela ukulala endaweni yesihlanu kowandulela owamanqamu.
Ngenyanga edlule, inhlangano eyengamele ezemidlalo kuleli, iSouth African Sports Confederation and Olympic Committee (Sascoc), iqinisekise ukuthi lo msubathi ngeke esagijima emjahweni ka-400m, kodwa usezogxila koka-200m. Asizange sibekwe isizathu sokwehlisa ibanga.
Waphuma endaweni yesibili ngo-20.31 kowamanqamu ka-200m kuma-South African National Championships ayebanjelwe ePietermaritzburg, ngo-Ephreli. NgoJuni ushaye u-20.29 eMadrid, eSpain, waqeda ngo-20.23 ePoznan, ePoland.
Kubasubathi abazobe bebhekwe kakhulu ku-200m kusihlwa kubalwa abathola izindondo eTokyo, u-Andre de Grasse waseCanada, abase-USA uKenneth Bednarek noNoah Lyles, noLetsile Tebogo waseBotswana.