I-AUSTRALIA ivikele isicoco sayo seNdebe yoMhlaba yekhilikithi yeT20 ngokushaya iNingizimu Afrika ngama-run angu-19 kowamanqamu eNewlands Cricket Ground eKapa, ngeSonto ntambama.
Bekungokwesithathu kulandelana leli qembu lidla le ndebe kanti seliyinqobe kahlanu njengoba layithatha ngo-2010, 2012, 2018, nango-2020. AmaProteas abeqala ukungena kowamanqamu.
Iqembu lakuleli belinqobe i-England ngama-run ayisithupha kowandulela owamanqamu ngoLwesihlanu, i-Australia yadlula kwi-India ngama-run amahlanu ngoLwesine.
Izivakashi ziwine ithosi zakhetha ukushaya ibhola kuqala. Zihlanganise ama-run angu-156 kuma-over azo angu-20 sezilahlekelwe amawikhethi ayisithupha. Kugqame kakhulu uBeth Mooney oshaye ama-run angu-74 emabholeni angu-53.
Umshwibi wamaProteas, uShabnim Ismail, uthathe amawikhethi amabili kulo mdlalo kanti usehamba phambili kweyoMhlaba yeT20 njengoba esenamawikhethi angu-43 uma kuhlanganiswa yonke imiqhudelwano asedlale kuyona.
Ama-Proteas abedinga ukushaya ama-run angu-157 ukuze anqobe umdlalo kodwa akwazi ukuthola angu-137 kuphela kuma-over angu-20 eselahlekelwe ngamawikhethi ayisithupha.
U-Laura Wolvaardt uthole angu-61 emabholeni angu-48 kodwa ukuphuma kwakhe kushabalalise amathemba eqembu lasekhaya okufica i-Australia.
“Lona bekuwumqhudelwano omangalisayo futhi ngizizwa ngikhethekile njengoba ngithole ithuba lokudlala kuwona. INewlands inkundla yami yasekhaya njengoba iseduze kakhulu nalapho ngihlala khona,” kusho uWolvaardt ekhuluma nabeSuperSport ngemuva komdlalo.
“Bekuwusuku olunzima futhi besazi ukuthi ngeke kube lula ukudlala ne-Australia okuyiqembu elihamba phambili emhlabeni. Asiqalanga kahle kodwa sibuyile maphakathi ne-innings. Ukulahlekelwa amawikhethi kwenze kwaba nzima ukuthi sithole ama-run ebesiwadinga kuma-over okugcina.
“Sisebenzile saze sazibeka kowamanqamu okokuqala ngemuva kokuphuma kweyandulela owamanqamu phambilini. Sibhukulile ngemuva kokungawuqali kahle umqhudelwano ngakho-ke ngiyaziqhenya kakhulu ngeqembu.”
Umqhudelwano olandelayo uzodlalelwa eBangladesh, ngonyaka ozayo kuthi owango-2026, udlalelwe e-England.