UMQONDISI webhola lombhoxo eNingizimu Afrika, uRassie Erasmus, akakholwa ukuthi amaBhokobhoko asezoba ngaphansi kwengcindezi eyengeziwe ngemuva kokushaywa yi-Ireland emdlalweni wamaqoqo eNdebe yoMhlaba ngempelasonto.
Lo mdlalo kaPool B ububhekwe ngabomvu njengoba i-Ireland ikleliswe phambili emhlabeni kanti amaBhokobhoko asendaweni yesibili futhi avikela isicoco seNdebe yoMhlaba asinqoba eJapan ngo-2019.
Njengoba i-Ireland ishaye amaBhokobhoko ngo 13-8 eStade de France, iqhubekile nokuqhwakela kuPool B ngamaphuzu angu-14 emidlalweni emithathu. Iqembu lakuleli lisendaweni yesibili ngamaphuzu angu-10.
IScotland isendaweni yesithathu ngamaphuzu amahlanu emidlalweni emibili, kanti iTonga neRomania abakatholi maphuzu.
"Okubi wukuthi besakha umgqigqo omuhle. Siyazi ukuthi umdlalo neTonga uzoba nzima, njengoba kuzoba nzima nakwi-Ireland ukubhekana neScotland. Lokho kuzocacisa ukuthi ngubani ozoqhwakela nokuthi yimaphi amaqembu azoqeda endaweni yesibili neyesithathu," kusho u-Erasmus.
"Kuhle ukuthi sibuye nephuzu kulo mdlalo kodwa ukuhlulwa akuwona umphumela ebesiwufuna.
“Sihlulwe ngamaphuzu amahlanu futhi siyazi ukuthi silahle amaphuzu angu-11 ngesikhathi sikhahlelela amapali. Bekuyimpi enkulu phakathi kwamaqembu amabili ahamba phambili emhlabeni nokwenze umdlalo waba nzima.
“Sekumele sigxile emdlalweni olandelayo ukuze sibone ukuthi singadlula yini eqoqweni, ngeke ngisho ukuthi sinengcindezi eyengeziwe.
“Siwatholile amathuba okuwina umdlalo kodwa ekugcineni basinqobile futhi bekufanele."
U-Erasmus ukuqinisekisile ukuthi i-flyhalf uHandre Pollard uzodlala uma sebebhekene neTonga ngeSonto. Lo mdlali ulibangise eFrance ngesonto eledlule ukuyovala isikhala sikaMalcolm Marx, olimalile.
Ubengakhethwanga eqenjini lokuqala leNdebe yoMhlaba ngenxa yokuthi ubengakalulami ngokugcwele ngemuva kokulimala esihluzwini.
U-Erasmus uthe uPollard kufanele anikwe isikhathi sokuzinza eqenjini futhi kungalindelwa ukuthi asheshe axazulule inkinga yokukhahlela ebhekene neqembu.
"UHandre ngeke akwazi ukubuya abe sezingeni eliphezulu ngemuva kokungadlali isikhathi eside. Ubengakakulungeli ukudlala emasontweni amane kuya kwayisihlanu edlule, ubengakwazi ukugijima ngokugcwele," usho kanje.
“Asimfaki enkundleni ukuzokhahlelela amapali kuphela, kumele akwazi ukugijima enze zonke ezinye izinto esizilindele enkundleni. Yingakho ngithe ngesonto eledlule ubengekho ohlwini lwabazokhethwa kodwa besazi ukuthi sisazolishintsha iqembu.
"UHandre uzodlala kule mpelasonto kodwa nginesiqiniseko sokuthi kuzothatha isikhathi ukuthola umgqigqo wakhe ajwayele nokukhahlela ngaphansi kwengcindezi."
Ngesikhathi amaBhokobhoko enqoba iNdebe yoMhlaba ka-2019, uPollard wathola amaphuzu angu-69. Wafaka amaphenathi angu-16 nama-conversion ayisishiyagalolunye.