UMPETHA omusha wePrince Mangosuthu Ultra 52km Marathon, uLekhotla Pulinyana ubonge uNkosinathi Mhlakwana ngale mpumelelo yakhe.
UPulinyana (32) waseLesotho ushaye intambo ngo-3:01:00 kulo mjaho ogijinywe izolo usuku eDundee uyophelela eNquthu.
Lo mgijimi we-Orcas Academy kaProdigal Khumalo, uthe impumelelo kaMhlakwana emijahweni iyona eyenze wacela ukujima naye.
UPulinyana owaphuma endaweni ka-12 nyakenye kulo mjaho, uthe benoMhlakwana bawaqale ngo-Febhuwari amalungiselelo ePrince Mangosuthu beziqeqeshela eHowick.
Kuzokhumbuleka ukuthi noMhlakwana wayinqoba iPrince Mangosuthu, ngo-2021.
"Ngibonga ngiyanconcoza kuMhlakwana. Ngamaqhinga akhe enze ukuthi ngishaye intambo. Ungicebise ngokuthi uma sengiku-42km ngiqhashise okwenhlavu. Ngibe nokungabaza ngalesi siphakamiso sakhe. Uthe kimi ngingakwenza lokhu, uyangibona ukuthi ngiwumqemane ngokwanele. Ngenze njengoba esho. Ungiphathe kahle kakhulu lo mzila. Mhlawumbe ngisizwe nawukuthi bekungokwesibili ngigijima kuwo," kubeka uPulinyana.
Uthe uzobe egijima iComrades Marathon yakhe yokuqala ngoJuni.
"Ngizophumula isikhashana bese sibuyela ejimini noMhlakwana. Uhlale engidonsa ngendlebe ukuthi ngingalinge ngizithele ngabandayo kwiComrades. Uthi uma ujime kahle ungangena nakwi-Top 10,“ kubeka uPulinyana.
Endaweni yesibili kungene insizwa yaseMsinga, u-Ayanda Ngcobo ogijimela iXcel Running Club. Wenze esiwu-3:02:02.
Kweyesithathu kube uMatlokoa Nkabuthlane wakhona eLesotho ngo-3:02:45.
Kwabesifazane, uShelmith Muriuki waseKenya usivikelile isicoco sakhe enqoba ngesikhathi esiwu-3:18:55.
ULoveness Madziva waseZimbabwe uphume isibili ngesiwu-3:22:38. Lo mjaho wake wawunqoba ngo-2018. Kweyesithathu kube uMargaret Jepchumba wakhona eKenya ngesiwu-3:42.07.
Abashaye intambo bakhale bemuka no-R100 000 umuntu ngamunye. Kwabesilisa, ku-21km, kunqobe uKamohelo Mofolo ngesiwu-1:06:36, kwisibhuda kwaba uBlandina Makatisi ngesiwu-1:17.59 bahlabana ngo-R50 000.
Ebangeni lika-10km kunqobe uThabang Sekonyela ngo-33:27. Kwabesifazane kube uNthabiseng Letokoto ngesiwu-41:24.
Lo mjaho ngowokuhlonipha uMntwana waKwaPhindangene, uMangosuthu Buthelezi, bekungokokuqala ugijinywa engasekho emhlabeni. Wunyaka wesihlanu wasungulwa.