XOLILE MPISANE
WENZE inqwaba yezinguquko umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, ngesikhathi eqoka iqembu elizodlala ne-Argentina kowesibili we-Rugby Championship ngoMgqibelo.
Lo mdlalo uzoqala ngo-5:05 ntambama eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
UNienaber ushintshe abadlali abangu-11 kwabangu-15 abaqala ngesikhathi amaBhokobhoko eguqisa i-Argentina ngo-32-12 enkundleni efanayo ngempelasonto eyedlule.
Abakwazile ukugcina izindawo zabo ngukaputeni uSiya Kolisi, Lood de Jager, Jasper Wiese noCobus Reinach.
Emuva kubuyiswe abadlali abagqame kakhulu kudlalwa namaBritish and Irish Lions, uHandre Pollard, Damian de Allende, Lukhanyo Am, Makazole Mapimpi, Cheslin Kolbe, noWillie Le Roux.
UMapimpi uthe kuyajabulisa ukuthi abaqeqeshi bangakhetha noma ubani esikwatini esisekhempini kodwa lingehli izinga enkundleni.
"Baningi abadlali abasefomini eqenjini, lokho kuyasikhuthaza futhi kusinika inselelo yokuthi sizimisele njalo uma sidlalela iqembu lesizwe," kusho uMapimpi.
"Sonke siyathanda ukumela izwe lethu kodwa futhi siyesekana siphinde sigqugquzelane ngoba sidlalela iqembu elilodwa.
"Uma nginolwazi oluthile kubalulekile ukuthi ngingalugcini lube yimfihlo kodwa ngidlulisele nakozakwethu ukuze iqembu lithuthuke liqhubeke nokuphumelela.
"Kuningi esikufundile ekhempini selokhu saqala silungiselela imidlalo yamaBritish and Irish Lions, okusemqoka ukuthi singabe sisabheka emuva kodwa siqhubeke sidlale kahle nakwiRugby Championship."
Phambili kuzoqala uThomas du Toit, owagcina ukudlalela iqembu lesizwe kwiNdebe yoMhlaba ngo-2019, uMarvin Orie, Malcolm Marx, noFranco Mostert . ULood de Jager uzobe ehlanganisa imidlalo engu-50 kwelesizwe.
UNienaber uthe lo mdlalo wesibili bazimisele ukuthi bawunqobe ukuze bathathe uhambo oluya e-Australia bephethe amaphuzu aphelele.
"Lo mdlalo ubalulekile ngendlela yawo futhi siyazi ukuthi i-Argentina izobuya ngomfutho othe xaxa. Kuzomele nathi siwakhuphule amasokisi uma sifuna ukuphinde sinqobe.
"Kwasijabulisa ukuyiqala kahle iRugby Championship kodwa kusekuningi okumele sikwenze kangcono.
"Iqembu lase-Argentina liyaziwa ngokuzimisela kwalo, akulona iqembu elihlulwa lingalwanga. Silindele enye impi kodwa nathi sizolwa ngoba sizimisele ukuthi siyivikele le ndebe."
INew Zealand namaBhokobhoko babambene ngamaphuzu amahlanu phezulu kwi-log yeRugby Championship, i-Argentina ne-Australia basaneqanda.
I-Australia neNew Zealand bazozwana amandla ngo-Agasti 28 e-Optus Stadium, ePerth.