AGWEME ukuphoxeka AmaZulu FC ebuya selishona engavumeli ukudliwa ngephutha elenziwe ngukaputeni ngesikhathi kuqala umdlalo we-Absa Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza izolo ntambama.
Igoli lika-Emiliano Tade nelikaMhlengi Cele angene esiwombeni sesibili, asule izinyembezi kubadlali nabalandeli baMaZulu ezabo zaphuma namaphuzu amathathu. Izivakashi zithole igoli lokuphiwa ngesikhathi ukaputeni waMaZulu, uMbongeni Gumede eshaya ibhola elibhekisa kunozinti wakhe uMoeneeb Josephs, obesephumile emapalini. IStars kube sengathi ithole uphethroli ebiwudinga, yadlondlobala emdlalweni. Iphinde yathola elinye ithuba lokwenza * 2-0 kodwa kulokhu uJosephs wazigeza evimba ibhola likaCesair Gandze sebebhekene bobabili. UNhlanhla Vilakazi obegijima kwi-Ea Lla Koto uze waphoqeleka ukubuza engaphandle kwepali kodwa unozinti wayo -Olivier Kwizera walivimba. AmaZulu abuye alinyazwa yizinqumo ezingafanele phambi kwamapali. Kweminye iminyakazo yawo uMabhuti Khenyeza unikeze u-Augustine Ramphele ibhola eyeka uTade obesendaweni engcono ukuthi angakhahlela epalini. Kusale kubatshazwa uRamphele eseyolindizisa nezinyoni ibhola liphuma phezu kwamapali.
Kucishe kwakhalwa futhi eKing Zwelithini, uHarris Tchilimbou ezithola esebhekene noJosephs ngemuva kokuthi iStars intshontshe ibhola emuva kungaMaZulu abehlasela. UJosephs uphumile ezama ukuvimba kodwa wehluleka. UTchilimbou ugcine elikhiphe phezulu kwamapali lelo bhola.
Empeleni iStars ibingashintsha umdlalo ihamba phambili okungenani ngo 3-0 ngokwamathuba ewatholile. Kubuywa AmaZulu abuye ngamandla njengoba uTade ethole ithuba lokuqala. Lo mgadli wase-Argentina usukumise inkundla, ebuza ngeshodi ngomzuzu ka-47, wamshiya elenga uKwizera emapalini. EzikaCavin Johnson bese zivutha zingasabi nokukhahlela. Seliya ngokushona, uJohnson udonse uTade, wagaxa uMhlengi Cele ofike washaya igoli lesibili ngomzuzu ka-89.