UJATSHULISWA wukuthi sebenolwazi olungcono ngezimo abazobhekana nazo kwi-ICC Champions Trophy yize benqotshwe kuyona yomibili imidlalo kwiTriSeries umqeqeshi weqembu esizwe labesilisa lekhilikithi, uRob Walter.
AmaProteas adlale le midlalo yokungcwekela iChampions Trophy bengekho abadlali abaningi abaseqenjini elizodlala kulo mqhudelwano ngenxa yokuthi iningi liqede ngempelasonto ukudlala kwiBetway SA 20.
Iqembu likaWalter lihlulwe yiNew Zealand ngamawikhethi ayisithupha ngoMsombuluko, lathelwa phansi yiPakistan ngamawikhethi ayisithupha ngoLwesithathu.
Lo mqeqeshi uthe abadlali abanikwe amathuba bafunde lukhulu kanti laba abazobamba iqhaza kwiChampions Trophy sebeyakwazi okufanele bakulindele ezinkundleni zasePakistan ezosingatha lo mqhudelwano ngokubambisana ne-United Arab Emirates.
“Lena bekungeyona imidlalo yokugcina icala ngoba njengamaProteas uma sidlala inhloso kusuke kuwukunqoba. Ngeshwa akwenzekanga lokho. Okuhle wukuthi abadlali abancane bathole amathuba kanti laba abasazodlala kwiChampions Trophy bakwazile ukuzizwela ukuthi kunjani ukudlala kulezi zinkundla,” kusho uWalter.
“Sesinolwazi oluthe xaxa mayelana nezimo zezinkundla zaseLahore naseKarachi, nokuyinto ezoba wusizo kithina njengoba siya phambili.
“Nakuba sihluliwe kodwa sihlomulile ngezindlela ezimbili. Kunabadlali asebezobuyela ekhaya abebeqala ngqa ukudlala ePakistan kanti thina baqeqeshi nabadlali sesiyilungele kangcono iChampions Trophy.”
Yize amaProteas ekhale ngaphansi kabili kuyona yomibili le midlalo kodwa athole ama-run angaphezu kuka-300. UWalter ubona lokhu kuyinkomba yokuthi izinkundla bezivuna abadlali ababhethayo.
“Izobakhuthaza abadlali ababhethayo indlela abadlale ngayo kule midlalo emibili. Sizosebenzisana nabashwibayo ukuze sibone ukuthi singayikhuphula kanjani ingcindezi ukuze sandise amathuba okuthola amawikhethi,” uqhube kanje lo mqeqeshi.
IChampions Trophy izovulwa ngomdlalo ozoba phakathi kwePakistan neNew Zealand ngoLwesithathu.
AmaProteas azobhekana ne-Afghanistan emdlalweni wawo wokuvula ozoba seKarachi ngoFebhuwari 21. Azophinde abhekane ne-Australia ngoFebhuwari 25, asonge eyamaqoqo ne-England ngoMashi 1.