UTHEMBISE iRichards Bay ukuthi izoba iqembu lokuqala eMzansi ukuba nenkundla yalo, uThabiso Tenyane, ongumnikazi wesikhondlakhondla senkampani yamagesi, iPhakwe Gas, ethulwe njengabaxhasi abasha baleli qembu.
Ebukhazikhazini bomcimbi obuseWaterfront Tuzigazi Zulu Beach, eRichards Bay, kukhale amakhwela, kwakikiza omama, le njinga imemezela ukuthi izoxhasa iNatal Rich Boyz ngo-R100million.
UTenyane uthe iBay bazokhipha u-R20 million isizini ngayinye kwamathathu. U-R40 million kuzoba ngowokwakha izinsiza zokuziqeqesha zaleli qembu. Ngesikhathi uTinyane ememezela lezi zindaba ubemi nomnikazi weBay, uSifiso "Jomo" Biyela obekuthi akagxume yinjabulo.
Lapha kuphindwe kwathulwa nabadlali abasha okunguThabiso Kutumela, Keegan Allan, Siyethemba Sithebe, Tlakusani Mthethwa, Sbani Mntungwa noFezile Gcaba.
UTenyane uveze ukuthi ungumlingani ebhizinisini lamagesi noFlorentino Perez ongumnikazi weReal Madrid edlala kwiSpanisha La Liga.
"Kuningi okusazokwenzeka kule ndawo. Ngifuna ukuthi eminyakeni embalwa ezayo iMadrid izodlalela lapha eRichards Bay. Ngiyazibophezela ekutheni iBay izoba nenkundla yayo njengamaqembu afana ne-Arsenal, Madrid namanye amakhulu. IChiefs ngiyifuna eBay," kubeka uTenyane enanelwe ngehlombe inkulumo yakhe.
Udalule nokuthi bazomemezela umqeqeshi omusha okuvela ukuthi uzosebenzisana noVusumuzi Vilakazi osanda kusindisa iBay ezembeni.
"Kule sizini sifuna iBay iqede endaweni yesithathu noma kweyesine. Lokhu ngeke ikwazi ukukwenaza uma izoba nesikwati esizacile. Ngiyifuna ezingeni leMamelodi Sundowns, Orlando Pirates neChiefs. Maduze sizomemezela umqeqeshi wezinga eliphezulu. Sizophinde siqinise iqembu ngabadlali beqophelo".
UBiyela ubonge kakhulu kuTenyane ngalolu xhaso. Uphinde wabonga ababasekile ngesikhathi iqembu lakhe linyonyobelwa izembe.
"Ngiyabathembisa abaxhasi bethu ukuthi sizokwenza konke okusemandleni ukuthi senza kahle. Siyazi ukuthi bafuna ukuzihlanganisa nempumelelo," kubeka uBiyela.
Uveze nokuthi iPremier Soccer League (PSL) kayizange ibahluphe ngokuphasisa lolu xhaso.
"Ngibonga ngiyanconcoza kusihlalo (Dkt Irvin Khoza) nakwiCEO yePSL (Mato Madlala) ngokusebenzisana nathi ngesikhathi sibazisa ngalolu xhaso".